AZIZANGE zithakamezeke izinhlelo zeSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, ngemva kwengozi yemoto.
Siqhubekile nezinhlelo zosuku lwayizolo emva kokubandakanyeka engozini yemoto eyenzeke ngoLwesibili ebusuku. Imbube iphume ingenamyocu kule ngozi eyenzeke emgwaqweni uR34, eVryheid.
Ngemva kwengozi, uNdunankulu kaZulu, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, ubike ukuthi iNdlulamithi yamakhosi izoqhubeka nezinhlelo zayo.
“Ngikhulume neSilo izolo (ngoLwesibili) ebusuku futhi besikahle emoyeni sangitshela ukuthi ingozi bekuyinto encane. Egameni lendlunkulu, ngifuna ukuqinisekisa isizwe ukuthi akumele sikhathazeke ngesimo seSilo,” kusho uButhelezi.
Ngokusho komthombo, iMbube iphuthunyiswe esibhedlela esizimele ngemva kwengozi. Umthombo osebenza esibhedlela esikhona eVryheid, uthe iSilo sifike saxilongwa, kwatholakala ukuthi asilimalanga.
UButhelezi uthe imbangela yengozi ibingakaziwa.
“Amaphoyisa eSouth African Police Service, azokwenza uphenyo njengenjwayelo ukuthola ngembangela yengozi yayizolo,” kusho uButhelezi.
Ngokusho kwabazibonele, imoto ebihamba iSilo ishayisane nemoto yamaphoyisa kaMasipala wabaQulusi.
Kuthiwa imoto ebihamba iSilo iphaphalaze yaze yayobhajwa emseleni osepulazini eliseduze nomgwaqo. Kuthiwa kuphoqe ukuthi onogada basikhiphe iSilo emotweni ebesihamba ngayo, safakwa kwenye.
INdlulamithi yamakhosi ificwa yile ngozi nje ibilungiselela umcimbi wokuvulwa ngokusemthethweni kwenxanxathela yezitolo eyethiwe ngoMntwana uMkabayi kaJama, iPrincess Mkabayi Mall, eseVryheid.
Izolo iSilo siqhubekile nokuyovula inxanxathela yezitolo emcimbini obuhanjelwe yinqwaba yabantu.
Ngesikhathi kuqhubeka umcimbi iSilo besibonakala sikhululekile. Kunamavidiyo akhombisa iSilo ngesikhathi sifika emcimbini wayizolo kepha ibingabonakali imoto esijwayele ukuhamba ngayo.