ZITHUKA izanya izakhamuzi zakwaQ eMlaza emuva kwezehlakalo ezimbili lapho kudutshulwe kwafa abantu abayisishiyagalolunye ngempelasonto.
Kuthiwa umbulali ngumuntu owaziwayo endaweni futhi ongazimbozi ubuso uma esefayela.
Kuvela ukuthi ngoLwesihlanu ebusuku le ndoda ithathe ikhehla lakwamakhelwane, ebelineminyaka engu-73, yangqongqoza ngalo emzini eyayikade ihlala kuwona okuthe uma bevula yadubula.
Kulo muzi ibulale abantu abathathu, maqede yasoconga ikhehla. Kuthiwa le ndoda ibe isidlula iya emijondolo engezansi kwendawo yesigameko sokuqala lapho ibulale khona indodana yekhehla nomngani wayo. Oyedwa ungeniswe esibhedlela lapho kubikwa ukuthi ushone esekhona.
Le ndoda kuthiwa ibuyile ngoMgqibelo ebusuku yaphinde yabulala abanye abantu ababili abebeyothenga esitolo, okuthiwa bayibonile iqhumisa izibhamu nebikade ihamba nabo.
Kuthiwa basuke lapho bazihambela kancane ngezinyawo bangena ehostela e-17 elingumakhelwane.
Ngokusho kwekhansela lendawo, uMnuz Brian Sindane, umsolwa ungumuntu obekade evele efunwa ngamaphoyisa ngecala lokubulala abantu abathathu ngasekuqaleni kuka-2023.
Kuleso sehlakalo uSindane uthe umsolwa wadubula noyisemncane emqaleni, inhlamvu yaphuma emhlane kodwa wasinda.
“Weba isibhamu sikayise omncane. Lesi okuthiwa useqeda ngaso abantu manje. Umbulali wumuntu owaziwayo endaweni, esibikelwa nokuthi ubekade ehlala nabo abantu asebajikele. Umphakathi uhlalele ovalweni, uthukile ngoba ayikaboshwa le ndoda,” kuchaza ikhansela.
Izolo Isolezwe lihambele kule ndawo. Bekukhala ibhungezi emagcekeni omuzi okubulawe khona abathathu, kulenga ingidi ezicabheni.
Kwamakhelwane wakhona, emzini wekhehla elibulewe, bebehlezi emakhandleleni, amalungu omndeni ekhungathekile. Athe kawayazi imbangela eholele ekubulaweni kwensika yekhaya.
Umndeni wale waphetha negama lekhehla nelendodana yalo, ngenxa yokwesaba.
USindane uthe nakuba ungaziwa umnyombo wokuhlasela kodwa basola ubugebengu obuhambisana nesibhamu phakathi.
“Umbulali weba isibhamu sikayise omncane ebesikade sesifuneka. Manje usesebenzisa leso sibhamu asebulala ngaso abantu akade ehlala nabo egcekeni nababonayo uma ebulala enzela ukugqiba ubufakazi,” kuchaza ikhansela.
UMnuz Sipho Hlomuka onguNgqongqoshe wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi KwaZulu-Natal usigxekile lesi sigameko, wanxenxa ukuba kwandiswe isibalo samaphoyisa azothungatha futhi abophe ngokushesha ababulali.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda uthe uphenyo lwesikhashana lukhomba ukuthi ababulali bane, omunye wabo ufike wafuna ipasi lakhe elasala esehlakalweni sokubulala esenzeka phambilini.
Uthe kusolakala ukuthi omunye wabantu ababulewe ubenawo umazisi wendoda efunwa uthuli ngamaphoyisa.