UNGQONGQOSHE weMfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga, uthe ingcabha ikubazali nasezigungwini ezilawula izikole ngodaba lwenyufomu egqokwa ezikoleni.
Uthe abazali nezigungu kumele banqume ukuthi yiluphi uhlobo lwenyufomu okumele lugqokwe nokuthi lugqokwa kangaki, wathi umnyango ungabeka imigomo kodwa ngeke uzinqumele izikole nabazali ukuthi kumele benzenjani.
Ukusho lokhu kulandela ukwethulwa kombiko wekhomishini yamalungelo abantu, owethulwe ekomitini lezemfundo ePhalamende, oveze ukuthi ezinye izikole ziba namanyufomu ahlukene.
Umbiko uveze ukuthi kwezinye izikole abafundi abenza u-matric bagqoka inyufomu ehlukile, okufaka ingcindezi kubazali okudingeka bathenge enye inyufomu kuleli banga ekubeni abafundi bezoyigqoka izinyanga ezimbalwa.
“Okungijabulisayo ngukuthi ikhomishini ayisho ukuthi akuyekwe ukugqokwa kwenyufomu ezikoleni. Kubalulekile ukuthi igqokwe ukuze kube lula ukuhlonza abafundi,” kusho uNkk Motshekga.
Uthe okunye okumele kubhungwe eyabafundi abagqebhezayo uma begqoke inyufomu.
“Abanye balaba bafundi bagqoka amanyufomu amancane adlulwa ngisho ama-jakhethi abawagqokayo. Abakwazi ngisho ukugoba ngoba kuzovela iphenti, okungenye yezinto okumele kubhungwe ngazo.”
Uthe kumanje kunezikhalazo azilungisayo ezithinta abafundi benkolo yama-muslim, abagqoka izikhafu.
“Yinto engiyilungisayo njengongqongqoshe. Ziningi izikhalazo ezikhona ezithinta inyufomu esibhekana nazo singumnyango,” kusho uNkk Motshekga.
Odabeni lwezinwele zabafundi kukhalwe ngokuthi zingaphazamisa uma zizinde kakhulu ngesikhathi kufundwa.
Ikhomishini iphakamise ukuthi kudingeka kubekwe isikalo semali senyufomu ngoba kwezinye izikhawu ibiza kakhulu okushaya abazali ephaketheni.
Amalungu ePhalamende athe akumele kuyekwe ukugqokwa kwenyufomu ezikoleni.
USihlalo wekomiti ePhalamende uNkk Bongiwe Mbinqo-Gigaba, uthe ukugqokwa kwenyufomu kusiza ekutheni abafundi babe yinto eyodwa.
Uthe elakuleli libhekene nenkinga yokungalingani ngakho ukugqokwa kwenyufomu kwenza kube nokulingana.
“Udaba lokubiza kwenyufomu kumele lubhekane nekhomishini yezokuncintisana. Umnyango kumele uyibheke eyokuthi kwezinye izikole kunenyufomu egqokwa ehlobo, enye igqokwa ebusika bese kuba naleyo egqokwa ngu-matric wodwa.”
UMqondisi jikelele emnyangweni uMnuz Mathanzima Mweli, uthe sebeke bahlangana nekhomishini yezokuncintisana wathi indaba yokubiza kwamanyufomu yinto eseke yaphenywa kwakhishwa umbiko ngokuthi kukhona ukusebenzisana kwezinkampani ezikhiqiza amanyufomu nemali eziyibizayo.