INGCABHA isisemphakathini ukuthi uphawule ngoMthethosivivinywa ozolawula ohulumeni bokubambisana kuleli.
Ngalo mthethosivivinywa i-Local Government: Municipal Structures Amendment Bill, kuhloswe ukwakha imigomo ezolawula labo hulumeni ukuze kungandi izinkinga zokuphatha ezikhona ikakhulu emkhandlwini ephethwe ngokubambisana amaqembu ahlukene.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kuleli uNkk Thembi Nkadimeng, uthe uyakwamukela ukukhishelwa umphakathi ukuze uphawule ngoMthethosivivinywa.
Awukho umthetho ofuze lo kuleli ekubeni kubukeka uhulumeni kazwelonke uzophathwa ngokuhlanganyela ngenxa yokuthi alikho iqembu elidle umhlanganiso okhethweni lwangeledlule.
“Lo Mthethosivivinywa uza ngesikhathi lapho kudingeka kube nemigomo ezolawula ohulumeni bokubambisana. Uza ngesikhathi omasipala abangu-81 bephethwe ngokuhlanganyela emuva kokhetho lohulumeni basekhaya lwango-2021,” kusho uNkk Nkadimeng.
Ukwanda kwale mikhandlu okungekho iqembu eliwine ngamalengiso, kwenza kube nesidingo sokuthi indaba yezinselelo ezibhekene nale mikhandlu okubalwa nendaba yokuhanjiswa kwezidingo kanjalo nokungabikhona kozinzo.
“Ukuchitshiyelwa kwalo Mthethosivivinywa kuzophoqa amaqembu ukuthi angene esivumelwaneni esibhaliwe esizokwenza ukuthi asebenzisane lapho kungekho khona iqembu elidle umhlanganiso elingakwazi ukubumba uhulumeni ngalodwana. Sikholwa ngukuthi lo Mthethosivivinywa uzokwazi ukulungisa nendaba yokuthi amaqembu amancane afune izinto ezinkulu ekubeni ethole amavoti amancane.”
Uveze ukuthi kulabo hulumeni bokubambisana kubangwa nezikhundla igcina isishaywa indiva eyokuhanjiswa kwezidingo emphakathini.
“Kuba nombango emihlanganweni kuliwe, imihlangano igcine ingasahlalanga ngenxa yokuthi izibalo zisuke zingenele. Isabelomali sigcina singaphasiswanga okuphazamisa ukuhanjiswa kwezidingo.”
Ugqugquzele zonke izinhlaka ukuthi zibambe iqhaza zibeke umbono wazo ngalo Mthethosivivinywa.
Okuqukethwe yilo Mthethosivivinywa ngukuthi imeya, iphini lemeya, usomlomo womkhandlu kanjalo namalungu esigungu esiphezulu angasuswa ngevoti uma sekuphele iminyaka emibili akhethwa. Kodwa lezi zikhulu bangasuswa noma yinini uma kungukuthi zihlulwa ukwenza umsebenzi wazo noma zephule umthetho.
Abafuna ukuphawula bangabhalela umnyango ungakashayi uJulayi 5, 2024.
Bangathumela ku:[email protected], noma bathumele ngeposi ku:Mqondisi jikelele emnyangweni uNhlamulo Mathye, Department of Cooperative Governance, Private Bag X804, PRETORIA, 0001