ASEHLANGA kahle kuyise wephoyisa isigwebo inkantolo esinikeze ababili abathumba babulala iphoyisa balishisa nemoto yalo eTshelimnyama, eMariannhill ngesikhathi somtapo ngoJulayi 2021.
Izolo iJaji Carol Sibiya leNkantolo eNkulu yaseThekwini ligwebe uMuzikayifani Ndebele iminyaka emine ebhadla ejele ngecala lokuzama ukubulala uConstable Zolani Zuma.
Libe seligweba uSibusiso Ndlela iminyaka emine ngecala lokuthumba umufi neminye iminyaka eyishumi ngecala lokumbulala.
Ngobusuku bangoJulayi 13, 2021 okwenzeka ngabo isehlakalo, uNdebele wayeneminyaka engu-17 sekusele izinyanga ezimbili ahlanganise engu-18.
UNdlela wayeneminyaka engu-19 nezinyanga ezine kwavela nokuthi wayengumuntu okhuliswe kahle ekhaya.
Kodwa walutheka ngento eyayenzeka wazithola ebandakanyeka kulesi sehlakalo.
Azehlanga kahle lezi zindaba kuMnuz Lizwi Zuma onguyise kamufi obekhona enkantolo ngesikhathi kukhishwa isigwebo.
Phambilini kuleli sonto uZuma utshele Isolezwe ukuthi ulindele ukuthi la madoda athole udilakajele okuyisigwebo esiyothoba inhliziyo yakhe.
Kodwa izolo yena nezihlobo ebehamba nazo baphume bedangele wathi akakwazi nokuphawula ngesinqumo senkantolo.
Ngakolunye uhlangothi abazali bakaNdlela nabo bebekhona enkantolo amehlo abo ethe njo ejajini ligweba indodana yabo.
Indodana yabo idlane indlebe nommeli wayo imtshela ukuthi ikuphosela inselelo ukulahlwa kwayo ngecala nezigwebo enikezwe zona ezozidonsa kanye kanye.
Kulindeleke ukuthi inkantolo isilalele ngoLwesihlanu emini isicelo esifakwe nguNdlela esiphikisana nesinqumo esithathwe yijaji.
Ijaji liveze ukuthi lifinyelele kulesi sigwebo emuva kobufakazi elethulelwe bona, ukwenzeka kwecala kanye nobucayi balo nangokuthi laba ababili babesebancane namanje basebancane.
Liveze nokuthi bobabili sebechithe izinyanga ezingu-20 besejele laveza nokuthi icala lenzeka ngesikhathi kunodungunyane ngesikhathi abantu bengasabi lutho kukwamachanca.
Liphinde laveza ukuthi laba ababili alilikhulu iqhaza abalibamba ladalula ukuthi owesilisa owabizwa ngoDuve noMnuz Lungelo Mthembu ebufakazini obathulelwa inkantolo bangqongqisa umufi ngemoto yize noNdlela wayekade ekhona.
Kuze kube yimanje laba ababili abakatholakali kanti ijaji phambilini like laveza ukuthi belingeke linanaze ukubagixabeza ngesigwebo sikadilikajele.
Labachaza njengokuyibona abangongqondongqondo kuleli cala. Ijaji liphinde lakhipha phambili uMnuz Nkosenhle Afrika Mthembu ongumalume kaNdebele.
Lo wesilisa owaqale waboshwa kwathi emva kwesikhathi waphenduka ufakazi woMbuso wageqa amagula etshela inkantolo ngeqhaza alibamba.
Waveza nokuthi uyena owaqale washaya umufi ngepayipi eliyinsimbi ekhanda. Kwathi kusenjalo uNdebele waliphuca isibhamu walidubula kodwa langafa.
Kuthiwa ke uDuve, uMthembu noNdlela bafaka umufi koplastiki bamfaka ebhuthini base beya endaweni eyihlathi bamshisela khona.
Leli phoyisa kuthiwa lalingekho emsebenzini lalizigqokele izingubo zalo lihamba ngemoto yalo iVW Polo.
Kuthiwa lahubha uMthembu owayehamba ngeloli lakhe iKia ebaleka notshwala babantu ababekade bebutapile.