KUSUKE umsindo ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa kuphikiswana ukuthi kuyiqiniso yini ukuthi uKelly Khumalo waveza izinombolo zeselula ezimbili emaphoyiseni wazigodla ezinye.
UMeyiwa owayeyisilomo sikanozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, wadutshulwa wabulawa ekaKelly eVosloorus, eGauteng ngo-2014. Kushushiswa abalisa abahlanu okuthiwa banikwa itoho lokujuqa uMeyiwa.
Izolo bekuphekwa ngemibuzo ungoti wamaselula wasemaphoyiseni uLieutenant Colonel Gideon Gouws emuva kokuqeda ukwethula ubufakazi.
Icala lisesigabeni lapho uMbuso weneka khona ubufakazi bamaselula uzama ukuveza ukuxhumana kwabamangalelwa nokwazana kwabo.
U-Advocate Thulani Mngomezulu omele ummangalelwa wesithathu, uMthobisi Mncube uvukuze udaba lwamaselula nezinombolo zikaKelly.
UMngomezulu ubezama ukuveza ukuthi uMncube akaze axhumane noKelly bexoxa ngokujuqa uMeyiwa. UMngomezulu uthe unencwadi kaKelly efungelwe lapho edalula khona izinombolo zakhe ezimbili.
UMngomezulu uthe kulezi zinombolo akuveli ukuthi uKelly waxhumana noMncube. UMngomezulu unqandwe yiJaji uRatha Mokgoatlheng elithe kuke kwavela ukuthi uKelly wayenezinombolo noma amaselula amaningi ngaphezu kwayisithupha.
IJaji licele uMshushisi woMbuso u-Advocate George Baloyi ukuthi alekelele kulokhu. UBaloyi uhambisane nejaji wathi ziningi izinombolo zikaKelly ezatholwa amaphoyisa kunalezo aziveza yena.
“ Nkosi yenkantolo ufakazi owungoti wamaselula uColonel Lambertus Steyn wathi uKelly wayenezinombolo eziyisishiyagalombili,’’ kusho uBaloyi.
Udaba lwamaselula kaKelly luke lwavela phambilini ngesikhathi kuthiwa wayexhumana nabamangalelwa. Ngesikhathi abameli bepheka ufakazi ngemibuzo kuke kwasuka isidumo kusolwa iJaji ngokuxhamazela nokuba nethika.
UMngomezulu usole iJaji ngokuba nethika lingamniki ithuba elanele lokwendlala udaba.
“ Inkosi yenkantolo ibuye igagamele ingabi nakho ukubekezela,’’ kusho uMngomezulu. IJaji langazibeka phansi nalo lathi hhayi ngoba lihluthuka kodwa likhuluma iqiniso.
UMnuz Sipho Ramosepele ubuye wakhala ngento efanayo ethi ijaji alibaphathi kahle bengabameli libuye lingababekezeleli kahle. Icala liyaqhubeka namuhla kulindeleke ukuthi uMbuso ubize omunye ufakazi.