UKHUZA umhlola umndeni kasomabhizinisi uWandile Bozwana, kubulawa unina njengoba kusondele ukugwetshwa kwababulali bendodana yakhe.
U-Aletta ngumama wempunyela yakuleli eyavinjezelwa ngoshayasibhamu eminyakeni eyisishiyagalombili edlule, uhlaselwe ekhaya lakhe eNorthern Cape, ngoLwesibili.
UMaviki Bozwana ongumfowabo kaWandile, utshele abezindaba ukuthi bashaqekile ngesikhathi bethola umbiko wokubulawa kukamama wabo.
“Sithole umbiko oshaqisayo ngesigameko sokugebenga esenzeke emzini kamama eKuruman, lapho umakhelwane ezithele kumsolwa ebaleka.”
Uthe umakhelwane uyena obize ilungu lomndeni elithe lifika lathola isidumbu sikamufi. Ilungu lomndeni libuye lathola ukuthi kulahleke imoto, umazisi nezikhiye zasendlini zikamufi.
UMaviki uthe kubaphatha kabi lokhu ngoba ngoba asemane amalungu omndeni wakubo adlule emhlabeni ngokubulawa.
“Okokuqala kwakuyiwele lami elabulawa eZeerust, ngo1997, kwalandela uWandile, kwaba wumfowethu omncane owagwazwa ejoyintini washona njengoba sekungumama.”
UWandile Bozwana owayeyimpunyela eyaziwa kakhulu ngokuxhasa i-ANC, wahlaselwa ngentululwane yezinhlamvu ejikeni laseGarsfontein, ePitoli, ngo-Okthoba 2015.
UBozwana wayehamba nozakwabo kwezamabhizinisi uMpho Baloyi naye owalimala kodwa wasinda kulesi sigameko.
Uphenyo lwamaphoyisa lwaholela ekuboshweni kukasomatekisi waseMamelodi, uVusi Khekhe Mathibela, Sipho Patrick Hudla, Matamela Robert Mutapa noBonginkosi Paul Khumalo. Ukuqulwa kwecala kwaqala ngo-2017 kwaze kwaba wukuthi inkantolo eNkulu yaseGoli ibathola benecala ngoJanuwari 2022.
Kulindeleke ukuba laba balisa bagwetshwe kuleli sonto, njengoba sebeqalile ukwenza izethulo zabo zokugcina anduba inkantolo ibagwebe.
USipho Patrick Hudla noMatamela Robert Mutapa sebezenzile izethulo zabo enkantolo lapho nemindeni yabo inxuse iJaji Papi Mosop ukuthi libe nozwelo kubona.
UHudla kuthiwa ubenezingane eziyisishiyagalolunye kwashona ezintathu, kanti uMutapa yena unezingane eziyisithupha. Imindeni yabo ithe izingane zaphazamiseka kakhulu ngokuboshwa koyise njengoba ezinye zingakwazanga nokuqhubeka nesikole ngenxa yezinkinga zezezimali.
UHudla noMutapa babengabashayeli bamatekisi abagcina sebenawabo amatekisi ngaphambi kokubulawa kukaBozwana. Laba batshele inkantolo ukuthi balahlekelwa yonke into ngemuva kokuboshwa kwabo.
Namuhla inkantolo izolalela ezethulo zokugcina zikasomabhizinisi waseMamelodi uVusi “Khekhe” Mathibela nomsolwa wesine uBonginkosi Paul Khumalo.