PHEZU kokuba beliyidliva ngoMsombuluko ezingxenyeni ezehlukene zaKwaZulu-Natal kodwa imvula ayiphazamisanga ukubhalwa kwezivivinyo zika-matric.
Bekubanjwe umoya ngale mvula njengoba namathimba ezinhlekelele abemi ngomumo, elindele noma yini kulandela isexwayiso sabesimo sezulu sokuthi lizobe liyidliva.
NoNgqongqoshe kazwelonke weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, ubebambe umoya ngokuthi kungase kube nokuphazamiseka ngenxa yemvula kulesi sifundazwe.
Ekhuluma nabezindaba izolo njengoba ebebheka ukuqala kokubhalwa kwephepha lesiNgisi esikoleni, iSoshanguve East Secondary, ePretoria, uNksz Gwarube uthe umbiko awutholile uveze ukuthi akukho ukuphazamiseka okubekhona.
Uthe ubelindele noma yini ngendlela ebelina ngayo ikakhulu eKZN.
“Mkhulu umsebenzi owenziwayo ukulungiselela izivivinyo zika-matric. Ukube isimo besiqhubeka nokushuba eKZN, bekuyodingeka ukuthi sithuthe abafundi bayobhalela kwezinye izikhungo. Asibangakhona isidingo sokwenza lokhu ngenxa yokuthi akukho kuphazamiseka okubekhona,” kusho uNksz Gwarube.
UNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Thami Ntuli, noMphathiswa wezeMfundo esifundazweni, uMnuz Sipho Hlomuka, bahlole ukubhalwa kuka-matric esikoleni, Isolemamba High, eNsimbini, eFolweni, lapho befike abafundi belungiselela ukubhala.
UNtuli uthe akukho ukuphazamiseka okubekhona.
Uthe unethemba lokuthi isifundazwe sizophucula imiphumela yaso njengoba ehlose ukuthi sithole u-100%.
“Amaphoyisa abemi ngomumo ukuqinisekisa ukuthi akukho kuphazamiseka okuzokwenzeka kulezi zivivinyo. UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nawo umi ngomumo ulindele noma yini engase yenzeke,” kusho uNtuli.
UHlomuka uthe abanye ozakwabo bebephumile ukuyoqapha ukuthi kubhalwa kahle.
“Asikho isikole esingabhali okusho khona ukuthi izinto zihamba ngohlelo ebesilubekile. Ukuphuma kozakwethu kuyizinkomba zokuthi imfundo akuyona eyami kuphela kodwa ekawonkewonke,” kusho uHlomuka.
Omunye wabafundi obhale iphepha lesiNgisi, u-Andiswa Mhlongo, wasePhakathi High eKlaarwater, uthe imvula ayibaphazamisanga, babhale kahle.
Uthe ubethukile kodwa ubhale konke abekwazi.
Namhlanje ngo-9 ekuseni kubhalwa iComputer Applications Technology iphepha lesithathu kanti umnyango wenze izinhlelo zokuxoxa nomasipala mayelana nokuthi ungavalwa ugesi.
Kusasa kubhalwa isiZulu, isiXhosa nezinye izilimi.