UKUCHITHWA kwesicelo se-ANC sokuthi kususwe ohlwini lokuvota iqembu Umkhonto weSizwe (MK), owesekwa ngowayengumengameli we-ANC nezwe uJacob Zuma, kwenza abaholi beMK baye eNkantolo eNkulu eThekwini beshayela phezulu njengoba kuhlala icala elithinta ukuqanjwa kwaleli qembu kanjalo ne-logo yalo.
I-ANC yaya enkantolo ikhala ngokuthi leli gama ne-logo okohlaka lwayo olwalulwa nobandlululo.
Izolo inkantolo yezokhetho igqeme i-ANC udume lwengozi, i-ANC ibifuna kususwe ohlwini iMK njengeqembu elibhalisiwe njengoba ibithi kukhona imigudu engalandelwanga ngesikhathi ibhaliswa.
Lesi sinqumo sikhishwe yiJaji uLebogang Modiba, othe akukho okungahanjiswanga ngendlela ngesikhathi ikhomishini yezokhetho i-Independent Electoral Commission, ibhalisa leli qembu nyakenye.
Ijaji lithe i-ANC yahluleka izikhawu ezimbili ukufaka isicelo sokuthi kuchithwe iMK ingabhaliswa.
“Kumele izinuke yona amakhwapha i-ANC ngoba yahluleka ukuphikisa ukubhaliswa kweMK. Ngakho ke ngiyasichitha isicelo se-ANC.”
IMK yaveza ukuthi i-ANC ayizange ikuphikise ukubhaliswa kwayo kwaze kwaba uZuma umemezela ukuthi uzokweseka leli qembu njengoba kuzovotwa ngoMeyi 29.
Leli qembu elabhaliswa nguMnuz Jabulani Khumalo ngoSepthemba nyakenye, lisamukele lesi sinqumo lathi linethemba lokuthi lizophumelela naseThekwini.
UKhumalo okhulume namalungu abezolalela isinqumo izolo, uthe awaphinde aphume ngobuningi bawo namhlanje eThekwini.
“Sesiyohlangana ne-ANC evotini maqabane. Noma kuthiwa banifaka umunwe esweni, ningaphenduli noma nilwe, kodwa nithi sizohlangana evotini. UMsholozi uzobe elungiselela ukuhola izwe ngoJuni 1, ngoba sizodla umhlanganiso okhethweni,” kusho uKhumalo.
Uncome isinqumo senkantolo wathi siveza ukuthi azichemile yize kukhona abese befake izinto ezisho okunye ezinkundleni zokuxhumana.
Uthe abakwazi ukuqhubeka baholwe abantu abadla inkece yomphakathi.
Okhulumela i-ANC uNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri, uthe bayaweseka umthetho futhi bayasamukela isinqumo senkantolo.
Uthe abantu bakuleli banelungelo lokuthi bajoyine noma iliphi iqembu okuyinto abayilwela kanzima.
“Icala beliphakathi kwe-ANC ne-IEC sikhala ngemigudu engalandelwanga ngesikhathi kubhaliswa iMK. Asiphikisani nokuthi iMK ibekhona emqulwini wokuvota. Siyaphikisana nokuthi leli qembu lisebenzise uphawu lweMK negama elethiwe ngalo ngoba yizinto ezilawulwa yi-ANC. Lezi ngezinye zezinto esiyokhuluma ngazo eNkantolo eNkulu eThekwini kusasa (namhlanje). Asifuni ukuthi izinto ezithinta i-ANC zisetshenziswe abafuna ukuzicebisa bona,” kusho uNkk Bhengu-Motsiri.
Okhulumela i-IEC uNkk Kate Bapela, uthe isinqumo senkantolo sifakazela ukuthi balandela yonke imigudu ngesikhathi bebhalisa iMK.