INKUNZI eluvava kwezokuphathwa kweminyango kahulumeni, uDkt Kwazi Mbanjwa, iwumholi omusha weMK KwaZulu-Natal emuva kokudilizwa kophethe lesi sikhundla.
IMK isematheni kulezi zinsuku emuva kokugila izimanga okhethweni iqala nje nokungena futhi inezinyanga ezimbalwa imenyezelwe.
IMK yamenyezelwa ngowayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, ngoDisemba nyakenye, wathi uyayishiya i-ANC ngeke asayivotela. Emuva kwalokho kudilike umthangala abantu bejoyina ubuthaphuthaphu kuleli qembu elisha.
UMbanjwa waduma kakhulu engumqondisi-jikelele kuhulumeni waKwaZulu-Natal kudala. Uke waba wumeluleki kaZuma kudala.
IMK imthumelele incwadi imazisa ukuthi nguyena osezophatha isikhundla somdidiyeli wesikhashana eKZN. Encwadini uMbanjwa uncengwa ukuthi asiphathe ngobunono isikhundla.
“Uyanxuswa ukuthi usebenzise amandla onikwe wona ngokunakekela, ungawasebenzisi budedengu. Ubeke phambili ukukhulisa iqembu lilungele ukhetho lohulumeni basekhaya ngo-2026,’’ kusho incwadi Isolezwe eliyibonile.
UMbanjwa uqokwa nje bekusanda kudilizwa uMnuz Simphiwe Mpungose obesahlale isikhashana esikhundleni. Ngaphambi kukaMpungose kwakudilizwe uMnuz Nhlanhla Ngidi.
UNgidi naye uwugalagala kwezokuphathwa kukahulumeni futhi wadilizwa isigubhukane, wangachazelwa ukuthi kwenzenjani. Ukuqokwa kukaMbanjwa kulesi sikhundla abanye bakuhumusha ngokuthi iMK ilungiselela ukuthatha uhulumeni.
Kusaqhubeka izingxoxo zokubusa ngokubambisana emuva kokuthi engekho onqobe ngengcaca eKZN. I-MK inezihlalo ezingu-37 KwaZulu-Natal ezithole emuva kokhetho futhi ihleli esicongweni.
Endaweni yesibili kuhleli i-IFP ngezihlalo ezingu-15, ilandelwe yi-ANC ngezingu-14. Endaweni yesine kukhona i-DA ngezihlalo ezingu-11, ilandelwe yi-EFF ngezihlalo ezimbili.
I-NFP ilele emsileni ngesihlalo esisodwa kodwa naso esingenamehluko uma sekuxoxwa. Kulindeleke ukuthi ubunjwe maduze uhulumeni uma sekukhona amaqembu avumelanayo.