BASOLA ukuthi usabe ukuthi kuzovela ukuthi naye ubehlomula kwiNgonyama Trust, uMntwana uMbonisi kaBhekuzulu, ehoxisa isicelo sokuba kunqindwe amandla iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini.
UMntwana uMbonisi uhoxise isicelo abesifake eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, lapho phakathi kokunye ebefuna ukuba iSilo sivinjwe ukuba sibize imihlangano yamakhosi, ukuba siqoke undunankulu kaZulu nokwengamela izindaba ezithinta Ingonyama Trust.
Kulesi sicelo, uMntwana uMbonisi ubefuna nokuthi kuhlakazwe ibhodi elisha leNgonyama Trust.
Emaphepheni asenkantolo, uMntwana uMbonisi ubekhala ngokuthi iSilo uMisuzulu sisaphaza imali yeNgonyama Trust.
Isolezwe libone incwadi yabameli bakaMntwana uMbonisi beveza ukuhoxisa kwabo icala.
Umthombo ongaphakathi eNdlunkulu usole ukuthi uMntwana uMbonisi usabe ukuthi uma icala seliqulwa enkantolo bekuzovela ukuthi naye ubehlomula kwiNgonyama Trust.
UMntwana uMbonisi ubesebenza eduze kakhulu neSilo esabuza, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.
Umthombo uthe kuningi uMntwana uMbonisi akuzuzile ngesikhathi kubusa uMdlokombane.
“Ungomunye wabantu abebekhokhelwa ukuba bahambe neSilo (esesakhothama) uma siya emazweni angaphandle. Kuningi okunye akuhlomulile obekuqhamuka obekukhokhelwa Ingonyama Trust. Ubonile ukuthi kuningi okuzovela uma indaba isiqulwa enkantolo.”
USihlalo weNgonyama Trust, inkosi uThanduyise kaMpiyezintombi Mzimela, uthe bayitholile incwadi ebazisa ngokuhoxiswa kwecala.
“Sikushayela ihlombe ukuhoxiswa kwecala. Akusiwo umkhuba omuhle ukuba izindaba ezithinta ubukhosi zikhulunywe ezinkantolo. Umkhuba omubi lo. Kuyasijabulisa ukuthi icala lihoxiswe.”
UMntwana uMbonisi ubefuna ukuthi ibhodi leNgonyama Trust lingavunyelwa ukuba lenze umsebenzi walo kuze kube kuphothulwa ukulalelwa kwecala.
UMzimela uthe icala ebelifakwe uMntwana uMbonisi belizophazamisa ukusebenza kweNgonyama Trust.
“Kunezinto obekuzofanele singazithinti kuze kuba kubuywa enkantolo. Siyazi ke ukuthi kuthatha isikhathi eside ukuba kuthethwe amacala ezinkantolo. Njengoba eselihoxisile icala, sesizosebenza ngokukhululeka.”
UMntwana uMbonisi uyalele ukuba yonke imibuzo ibhekiswe kubameli bakhe, iJG and Xulu Incoporated.
Imizamo yokuthola abeJG and Xulu and Incoporated ayizange iphumelele njengoba ucingo lwabo belukhala lungabanjwa futhi bengazange bawuphendule umbuzo abawuthunyelwe.
Okhulumela iHhovisi leSilo, uMntwana u-Africa Zulu, uyalele ukuba yonke imibuzo ibhekiswe kuMzimela.