IMEYA entsha yaseThekwini, uMnuz Cyril Xaba, ithi izakhamuzi zifanelwe ukuthola okungcono kunalokhu ezikuthola kulo mkhandlu-dolobha oyisizinda somnotho waKwaZulu-Natal.
UXaba unxuse ubuholi bomkhandlu ukuba bubhukule, wathembisa ukuthi ngeke abaphoxe abantu baseThekwini.
Ukusho lokhu ngesikhathi ethula inkulumo emva kokufungiswa kwakhe. UXaba ukhethwe emhlanganweni womkhandlu oyisipesheli obuyizolo.
UMasipala waseThekwini ukhungethwe izinkinga okukhona kuzo eyokuhlupha kwamanzi nogesi nokungcola kwedolobha.
UXaba uthembise lukhulu ngesikhathi ethula inkulumo yokwamukela isikhundla.
“Akusiyona into encane ukujutshelwa esikhundleni esikhulu kangaka. Ngiyazibophezela ukuthi ngeke ngibenzele phansi abantu baseThekwini. Ngizosebenzisana nezinhlaka ezehlukene ukuze sizokwazi ukuthuthukisa iTheku. Maningi kakhulu amathuba okukhula lapha eThekwini.”
UXaba uthe uzogxila ekuthuthukiseni ingqalasizinda yamanzi neyokuthuthwa kwendle, wathi akwamukelekile ukuthi kube nabantu abahlala isikhathi eside bengenawo amanzi.
“Sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi amanzi awahluphi.”
UXaba uthe bazohlanza inkaba yedolobha ngenhloso yokuheha osomabhizinisi ukuba babuye. Uthe bazokulwa nenkohlakalo, wathi bafuna ukuthi nabasebenzi bomkhandlu babhukule.
“Ngeke sibabekezelele abantu abangafuni ukwenza umsebenzi. Sizolandelela ukuthi izikhulu zomkhandlu ziyayenza yini imisebenzi ezavuma ukuthi zizoyenza.”
UXaba uthe abantu ngeke bavunyelwe ukwakha ezindaweni ezijwayele ukukhahlamezwa izikhukhula, wathi umkhandlu uzoqinisa umkhankaso wokunika abantu izindawo eziphephile zokwakha.
UXaba ubekade eyilungu lePhalamende, ngaphambi kwalokho wayengumphathiswa wezoLimo.
Uthe uwulungele umsebenzi, wathi unaso isipiliyoni esifanele.
“Sengiphathe izikhundla ezehlukene kusukela ngo-1994. Ngaqala ukuphatha izikhundla ngineminyaka engu-27. Sengiphathe izikhundla iminyaka engaphezu kuka-30. Le nto yezikhundla ayiyintsha kimi.”
UXaba ukhethwe engaphikiswa muntu. I-ActionSA ibiphakamise igama lekhansela le-DA, uMnuz Thabani Mthethwa, onqabile ukungenela umjaho wesikhundla, ekhala ngokuthi abe-ActionSA abazange baxoxe naye ngaphambi kokuthi baphakamise igama lakhe.
USomlomo weTheku, uMnuz Thabani Nyawose, uthe ukuqokwa kukaXaba engabangiswa kusho ukuthi kunobumbano emkhandlwini.
“Kungokokuqala ukuthi imeya ikhethwe ingabangi namuntu. Lokhu kusho ukuthi sesiqala isigaba esisha lapha emkhandlwini. Kusho ukuthi sesibumbene, sikhuluma ngazwi linye.”
Phambilini, amaqembu aphikisayo amakhulu, i-DA, IFP ne-EFF, abeyaye ezame ukuhlanganyela i-ANC, kodwa izolo abonakale eyinhlakanhlaka.
Umhlangano umiswe izikhawu ezine, amaqembu ecela ukunikezwa isikhathi sokuyohlanganisa amakhanda.
Umasipala wasala ungenayo imeya emva kokususwa kukaMnuz Mxolisi Kaunda, oseyilungu loMkhandlu weziFundazwe.