KUHLONGOZWA imbizo yokubhunga ngokubulawa kwabantu baKwaZulu-Natal emahostela aseGoli.
UNdunankulu kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ujutshwe ukuba ayokhuleka eSilweni uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, acele ukuba iMbube ibusise imbizo ehlongozwayo.
Lesi sinqumo sithathwe emhlanganweni obuhanjelwe uButhelezi, izinduna zamabutho nezimeya zikaMasipala waseZululand.
Umhlangano ubizwe emva kokwanda kwezigameko zokubulawa kwabantu baKwaZulu-Natal emahostela aseGoli.
Muva nje kubulawe izinsizwa eziyisithupha zakwaButhelezi ezidabuka eMondlo.
Lezi zinsizwa zangenelwa umuntu owafike wavulela ngenhlamvu ngesikhathi zivakashele uMnuz Zakhele Buthelezi ehostela iVosloorus.
UZakhele washona kanye noMnuz Mxolisi Buthelezi, Bheki Buthelezi, Ntokozo Buthelezi, Zakhele Buthelezi, noSiyabonga Buthelezi.
Kusolwa umbango wentombi ngokubulawa kwezinsizwa zakwaButhelezi.
IMeya kaMasipala waBaqulusi, uMnuz Khehla Mkhwanazi, ithe bathole ukuthi munye owayefuneka kwabayisithupha ababulewe.
“Abanye babevakashele umfowabo.”
UMkhwanazi uthe ziyisishiyagalolunye izinsizwa zakwaButhelezi ezibulawe enyangeni edlule.
IMeya kaMasipala waseDumbe, uMnuz Sibusiso Mkhabela, ithe uMasipala waseZululand sewaze wathenga imoto elekelela ngokulanda abashonele emahostela.
UMkhabela uthe imindeni eminingi iyehluleka ukuthwala izindleko zokulanda izidumbu eGoli, uthe ukususa isidumbu eGoli kubiza uR15 000.
Umdidiyeli wamabutho kaZulu, uMnuz Sipho “Masefa” Mhlongo, uthe bakhathazekile ngokwanda kwezigameko zokubulawa kwabaKwaZulu-Natal emahostela aseGoli.
“Iyakhubaza le nto eyenzeka lapha. Ikhubaza umnotho nehlalakahle yabantu beNgonyama. Le nto isho ukuthi alukho uzinzo kahle uma abantu bezohlala beqalaza. Abantu abakwazi ukuhlala ngokukhululeka uma kuzovele kungene umuntu, behlezi endlini, afike avulele ngenhlamvu. Le nto ivezae uZulu kabi kwezinye izizwe. Iveza uZulu njengesizwe esazi ukubulalana kuphela.”
UMhlongo uthe akusilo ihostela laseVosloorus kuphela elingenalo uzinzo.
“Siyile naseThokoza, safike sathola ukuthi nakhona alukho uzinzo. Usuku nosuku kubulawa umuntu. Abantu babulawa ebusuku.”
UMhlongo uthe okubakhathaza kakhulu ukuthi isikhathi esiningi igcina ingatholakalanga imbangela yokubulawa kwabantu.
“Uma usuthi uyalandela, awulitholi iqiniso. Kokunye kusuke kuyintuthu esuka le emakhaya.”
UMhlongo uthe balinde ukuthi uNdunankulu kaZulu ayokhulekela imbizo eSilweni.
“Le nto kufanele ikhulunywe yizo zonke izinhlaka. Kufanele kube khona amakhosi, izinduna zamabutho, izimeya nezinye izinhlaka.”
UButhelezi useqoke ithimba lezinduna elizobheka ukusebenza kwebutho eGauteng.
Ithimba lezinduna laqokwa emhlanganweni wangoMgqibelo.