AMASHELE ezindlini zoMbuso izolo amalungu enyunyana yamaphoyisa, iPolice and Prisons Civil Rights Union (Popcru).
AMASHELE ezindlini zoMbuso izolo amalungu enyunyana yamaphoyisa, iPolice and Prisons Civil Rights Union (Popcru).
Lokhu kuza emva kokuthi ekubeke kwacaca ukuthi awahambisani nokunyuselwa amaholo ngo-3% obekwa wumqashi etafuleni. Amalungu ale nyunyana afuna ukuthi imiholo yawo inyuswe ngo-10%.
Umengameli weCongress of South African Trade Unions (Cosatu), engumfelandawonye nePopcru, uZingiswa Losi uthe ukungacatshangelwa umqashi yikhona okubayise emgwaqweni.
“Amaphoyisa angezinye zezisebenzi ezithathwa njengezibalulekile ezweni lethu. Ngesikhathi kunezibhelu KwaZulu-Natal naseGoli, kwadingeka amaphoyisa ukuthi agijime aye lapho. Ngesikhathi kuba khona ababoshwayo, kwalindeleka ukuthi izisebenzi zoMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo zikulungele ukwamukela ababoshiwe, manje uma befuna u-10%, banikwa u-3%?,” kubuza uLosi.
Uthe abaqondi ukuthi yini edala ukuthi uhulumeni abe madolonzima uma kufanele akhuphule amaholo alezi zisebenzi ngoba umsebenzi eziwenzayo wokubheka ezokuphepha kwezwe nokuqapha ubugebengu, umsebenzi omkhulu kabi eziwenzayo.
“Kulindelwe ukuthi ziqaphe imingcele, zilwe nobugebengu, ziqinisekise ukuthi kunokuthula ezweni kodwa uma sezifuna izimfuno zazo ezizifanele, kuthiwe uhulumeni akanayo imali,” kusho uLosi.
Uthe kufanele baphathwe ngendlela efanele ngoba benza umsebenzi obalulekile.
Uthe kufanele kungalitshalwa ukuthi laba bantu benza umsebenzi ongelula neze kwazise isibalo sabantu bakule lizwe sikhula ngamandla.
“Uma ubheka isibalo samaphoyisa, usiqhathanisa nesabantu okufanele ababhekele, uyabona ukuthi unzima kakhulu umsebenzi abhekene nawo,” kusho uLosi.
Okhulumela iPopcru, UMnuz Richard Mamabolo utshele abezindaba ukuthi amalungu ale nhlangano akhathele iziphathimandla ezingayingeni eyokulalela abasebenzi.
Uthe isiminingi kakhulu iminyaka iziphathimandla zihluleka ukugcina izethembiso ezisuke zisayinwe phansi.
Uthe uhulumeni akufanele akhohlwe ukuthi amalungu abo asebenze nangesikhathi esinzima lapho bekubhoke khona iCovid-19.
Ngale kokukhushulelwa amaholo, amalungu ale nyunyana afuna ukubhekelwa ngezibonelelo zokusebenza ngaphansi kwezimo ezibucayi, ukuthi kunezelwe isibalo samaphoyisa, nokubhekelwa ngomfaniswano wokusebenza.