INKANTOLO iyilahle ngecala lokubulala indoda eyabhokoda ngommese isitshudeni saseMangosuthu University of Technology (MUT) eyayithandana naso ngoJulayi nonyaka.
IJaji uSharmaine Balton wenkantolo eNkulu yaseThekwini lilahle ngecala uBongani Sanele Mlambo (28) izolo.
UMlambo ubekade esolwa ngokubulala uXolile Mbatha owayenza unyaka wokugcina weziqu ze-Electrical Engineering.
UBalton ube eselihlehlisela uLwesithathu oluzayo icala lapho kulindeleke khona ukuthi umshushisi, u-Advocate B Mbokazi nommeli kaMlambo, uMnuz SB Madondo benze izethulo ezindlalela ukukhishwa kwesigwebo.
“Ummangalelwa wenze zonke izethulo ezidingekayo eyithatha eyibeka inkantolo ngokuthi wambulala kanjani umufi. Inkantolo yanelisekile ngamaphuzu ecala eyethulelwe wona ngakho ikuthola unecala lokubulala,” kwehlulela uBalton.
Inkantolo yamukele incwadi efungelwe uMlambo avuma ngayo icala, ikhophi yesitifiketi sokushona kukaXolile, umbiko kadokotela owahlola isidumbu kanye ne-albhamu yezithombe zendawo yesehlakalo.
Inkantolo ithole ukuthi umufi wabulawa uMlambo endaweni ehlala izitshudeni i-Ark Royal, eSouth Beach, eThekwini.
Emuva kwesehlakalo wabaleka waya eMlaza lapho aqoqa khona okungokwakhe wabalekela kubo eHluhluwe.
UMlambo wagcina ezinikela emaphoyiseni aseHluhluwe ngoSepthemba futhi walivuma icala lokubulala uXolile.
Icala bese lihlehle izikhawu eziningi ngenxa yokuthi uMadondo uyagula.
Enkantolo bekukade kukhona abazali namalungu omndeni kaXolile nezitshudeni zophiko lwabafundi i-EFF Student Command e-MUT kuthule cwaka.
UMlambo ungene ebhokisini labasolwa eshesha kungathi kunomuntu obekade emjaha ethwele nesigqoko ekhanda aze ayalelwa inkantolo ukuthi asikhumule.
Wenze okufanayo emuva kokuguqiswa kwecala ephuma eshesha ebheke phansi emgodini ezitokisini zenkantolo.