I-IEC eNingizimu Afrika isiveze ukuthi iyakweseka ukuchitshiyelwa komthetho wokuvota kuleli.
Ikusho namuhla ntambama kulandela ukumemezela kwehhovisi likaMengameli wezwe uMnuz Cyrill Ramaphosa namuhla ekuseni ukuthi usewuphasisile umthetho ovumela ukuthi kungenelwe ukhetho ngokuzimela ezingeni lezifundazwe kanjalo nakuzwelonke.
Esithangamini sabezindaba namuhla ntambama, uSihlalo we-IEC kuzwelonke uMnuz Mosotho Moepya uthe njengoba uMengameli esewuphasisile lomthetho, osekusele ukuthi bona benze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi kuqambe kushaya isikhathi sokuvota konke kumi ngomumo ngasohlangothini lwabo.
Uthe phakathi kwalokhu ukuqhamuka nendlela entsha yokubhalwa kohlu lwalabo abazongenela ukhetho ukuze ikwazi ukuvumela nalabo abazongenela ukhetho ngokuzimela ukuthi bavele ohlwini.
“Lomthetho ukubeka kucace ukuthi lowo ofuna ukungenela ukhetho ngokuzimela angangenela ezifundeni ezahlukene kodwa uma sekuziwa odabeni oluthinta izihlalo ezingeni likazwelonke, sisodwa kuphela isihlalo azokwazi ukuthi asithole,” kusho uMoepya.
Uphinde wathi lowo ongenele ukhetho ngokuzimela uvumeleke kuphela ukuthi aqokwe eSishayamthetho sesifundazwe sesifundazwe sakhe, lapho ebhalise khona.
“Okunye, lowo oqokwe ngokuzimela uvumeleke ukuthi akhethe kokubili phakathi kokuthi abe yilungu eSishayaamthetho ezingeni lesifundazwe noma ePhalamende, kufanele akhethe,” kusho yena.
Uthe nabo abafuna ukungenela ukhetho ngokuzimela kuzofanele bakhokhe imali yokungenela ukhetho njengoba kwenza amaqembu ezepolitiki.
“Kodwa kungenzeka kube khona umehluko omncane phakathi kwemali ezokhokhwa yibo uma iqhathaniswa naleyo ekhokhwa amaqembu ezepolitiki,” kusho Moepya.
Ubuye waveza nokuthi i-IEC izovula izikhungo ezingu-24 000 ukuze abantu babhalisele ukuvota noNovemba 18 no-19 nonyaka.
Uthe labo abangakwazi ukuthi bangene kwi-iternet, ukubheka ukuthi akhona yini amagama abo ohlwini labazovota ngonyaka ozayo uthe bangavakashela u-www.elections.org.za. Wengeza ngokuthi abakwaziyo ukuvakashela amahhovisi abo asezindweni ezihlukene emadolobheni ehlukene bangaya khona ukubheka okufanayo.
Uthe umthetho uthi umuntu ovotayo kufanele avotele lapho abhalisa khona. Kodwa ubuye wathi okhethweni lwezifundazwe nolukazwelonke, bangakwazi ukuthi bavote ezindaweni lapho abangabhalisanga khona inqobo nje uma bezobika kwa-IEC ngaphambi kosuku lokuvota ukuthi bazokwenza lokho.
Esimemezelweni sakhe sokusayina lomthetho omusha ekuseni uRamaphosa uthe ukusayinwa kwalomthetho kusho lukhulu ezinguqukweni ezithinta intando yeningi.
“Lokhu kuzokwandisa isibalo sabantu abangahle babe abaholi ezingeni likazwelonke nasezingeni lezifundazwe okuzonika abantu ilungelo elithe xaxa lokuzikhethela abaholi,” kusho uRamaphosa.
Uthe ugculisekile ngezigaba ezihanjiwe ngaphambi kokuthi lomthetho uphasiswe.