UNGQONGQOSHE wezokuXhumana nobuChwepheshe, uMnuz Mondli Gungubele, unxuse abangakayitholi imali yempesheni yale nyanga ukuthi bathinte iPostbank kanjalo neSassa.
UGungubele ucele uxolo kubantu bakuleli abangazitholanga ngezikhathi izibonelelo zikahulumeni kule nyanga.
Uthe ngokwazi kwabo bonke abantu abebengayitholanga imali yabo ngoSepthemba 5 nangoSepthemba 6, sebeyitholile.
Uthe abangaholile bangabazisa nabezindaba ukuze badlulisele imininingwane yabo emnyangweni wakhe.
“Siyaxolisa kakhulu kubantu baseNingizimu Afrika ngesimo esenzekile esiholele ekutheni bangayitholi ngesikhathi impesheni yabo.
Siyathemba abanye ngeke basebenzise lesi simo ukupolitika. Yisimo esinzima esithinta abantu bakithi abampofu,” kusho uGungubele.
Uveze ukuthi iPostbank isingaphansi kweso lomlawuli, selokhu kusule amalungu ebhodi.
“Sifisa ukuqinisekisa abantu bakithi ukuthi ukuhamba kwebhodi nokuqokwa komlawuli ePostbank ngeke kube nomthelela omubi ekukhokhweni kwezibonelelo zikahulumeni.
Sizoba nomkhankaso wokuxhumana nabantu abahlala ezindaweni ezikude. Sizosebenzisa nemisakazo yomphakathi,” kusho uGungubele.
Isikhulu esiphezulu sePostbank uNkk Nikki Mbengashe, sithe ubuchwepheshe babo buhloliwe ukuthi ngeke bube nezinkinga ukukhipha izibonelelo zabantu.
Uthe basebenzisa izindlela ezehlukene zokubuvikela nokuqinisekisa ukuthi busebenza kahle ngaso sonke isikhathi.
Abangakazitholi izibonelelo zabo abazihola ePosini bangathinta iPostbank ngocingo ku-0800 53 54 55, iWhatsapp 073 806 1631, noma bathumele i-email [email protected]
Bangaya nasemahhovisi eSassa bayobuza ngokwenzekayo.