UKHUZE ibuya umakadebone we-ANC, othuse abaningi elaxaza le nhlangano, emva kokufaka incwadi yokwesula ngesonto eledlule.
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba yi-ANC, siqinisekisa ukuthi uMnuz Mavuso Msimang, ukuhoxisile ukwesula kwakhe emva komhlangano noNobhala-Jikelele wale nhlangano, uMnuz Fikile Mbalula, okuthiwa bekukhona kuwona nomakadebona bale nhlangano, ngoLwesibili.
UMsimang encwadini yakhe yokwesula, wayekhala ngenkohlakalo ayethi idla lubi ngaphakathi kwi-ANC, nokungathathelwa izinyathelo ezinqala kwabantu abathinteka enkohlakalweni.
I-ANC kulesi sitatimende, iveze ukuthi izoqhubeka nokusukumela izikhalo zamalungu ayo, abantu bakuleli nabaholi bayo uma kukhona ukungaphatheki kahle ngaphakathi enhlanganweni.
“Siyakuqinisekisa ukuthi amalungu e-ANC angachaphazeleki ezenzweni ezingalungile, azokleliswa ohlwini labazomela le nhlangano ePhalamende likazwelonke naseziShayamthetho zezifundazwe. Lokhu kusho ukuthi wonke amalungu amagama awo avelayo embikweni weKhomishini kaZondo futhi amagama angakakhishwa phambili yikomiti lezobuqotho lenhlangano, ngeke abekhona ohlwini,” kubhalwe kanje.
Le nhlangano ithi iyakujabulela ukuthi uMsimang uyihoxisile incwadi yakhe yokwesula, futhi usazoqhubeka akhulume ngezinto azibonayo ezenzeka kuyo ezithinta umphakathi nayo uqobo.
UMbalula uthe uyazisola ngamazwi awakhulumayo ehlawumbisela ukuthi uMsimang ugwazelwe yiqembu elisha lepolitiki elisanda kubunjwa.