KAYENEME ikhomishini yezokhetho kuleli ngenkinga eqhubekayo yokucishwa kukagesi kuleli. Inethemba lokuthi kuzothi kushaya isikhathi sokhetho inkinga kagesi be isingcono.
UMnuz Sy Mamabolo, isikhulu esiphezulu sekhomishini, Independent Electoral Commission (IEC) uthe, aseqalile amalungiselelo okhetho lwangonyaka ozayo wathi ngoNovemba, bazoba nempelasonto yokubhalisa abantu ukuze bangene ohlwini lokuvota ngaphambi kokhetho.
“Sikhathazekile njengawo wonke umuntu ngenkinga kagesi kuleli. Sethemba ukuthi kuzoshaya isikhathi sokhetho isimo sesingcono ngoba siyawudinga ugesi njengoba senza amalungiselelo,” kubeka uMamabolo.
Ukusho lokhu izolo esithangamini nabezindaba lapho ikhomishini ibikhipha umbiko ngamaqembu ezepolitiki angazange adalule izitatimende zokusebenza kwemali, ezenziwe abacwaningi mabhuku.
UMamabolo uthe bamatasa balungisa nemishini yokusiza uma sekuvotwa ebalelwa ku-30 000.
Usihlalo wekhomishini uMnuz Mosotho Moepya, uthe umthetho uphoqa ukuthi amaqembu alethe izitatimende ukuze aqhubeke athole uxhaso kwikhomishini. Wathi amaqembu esewonke aveze adalule uthi axhaswe ngoR145 million, ngonyaka odlule wezimali.
Uthe amaqembu kumele aveze abaxhasi uma enikelelwe ngoR100 000 kuya phezulu.
UMoepya uchaze kanje:“Amaqembu anezihlalo eziShayamthetho nasePhalamende akhishelwe uR162 million, kwathi isikhwama sokuqoqela imali amaqembu sakhipha uR5 million. Angu-515 amaqembu abhalise kwi-IEC, angu-15 amelelekile eziShayamthetho nasePhalamende kanti awu-500, awamelelekile. Angu-41 amaqembu alethe izitatimende zokusebenza kwemali kwathi angu-24, azilethe ngaphambi komnqamulajuqu kwathi angu-17, aziletha emva komnqamulajuqu.”
Udalule amaqembu amanye angazange azilethe izitatimende zemali okuyi-African Independent Congress (AIC), Congress of the People (COPE), National Freedom Party (NFP), nePan Africanist Congress of Azania (PAC).
Wachaza ukuthi amaqembu ahluleke ukuletha izimfanelo bawabhalele befuna izincazelo njengoba kusho umthetho.
UMnuz George Mahlangu, obhekele ukuxhaswa kwamaqembu kwikhomishini, uthe angu-474 amaqembu angazange azilethe izitatimende zobanjelwa imali aze ahlangabezane nezinto ezithinta umthetho.
Uthe amanye amaqembu angamelelekile akhale ngokuthi awanayo imali yokuqasha abacwaningi mabhuku ukuze benze umsebenzi ngoba bayabiza.
UMamabolo ubuye wachaza ukuthi asikho isidingo sokuthi amaqembu adalulele ikhomishini imali okuthengwe ngayo amatafula uma enemicimbi emikhulu.