SIKHULU isililo ngokubulawa ngentululwane yezinhlamvu komfundisi obeyikhansela elimele i-ACDP kuMasipala waseMhlathuze, uCllr John F Myaka. Isolezwe lithole ngemithombo yalo ukuthi uMyaka udutshulwe ngabantu abangaziwa esashumayela enkonzweni ebiseNseleni, eRichards Bay, izolo ntambama.
Kukhalwa nxazonke ngoMyaka ngenxa yokuthi bekuwumfundisi obebhekelela abantu abampofu njengoba ubebonakala ebathengela ukudla ngezinye izinsuku.
Izindaba zokudlula emhlabeni kukaMyaka ziqinisekiswe wumasipala abewusebenzela.
"Ngosizi nokushaqeka uMasipala waseMhlathuze ufisa ukumemezela izindaba ezibuhlungu zokuhamba kabi kukakhansela uJF Myaka, odutshulwe ngezithuba zantambama ngoLwesibili, ngoJuni 27. Udutshulwe eshumayela esontweni phambi kwabazalwane ebebesemzini wakhe elokishini eNseleni, eRichards Bay "
Umasipala uchaze uMyaka njengekhansela ebelikhuthele futhi elabamba iqhaza ekunqobeni kweNkatha uMasipala waseMhlathuze.
"Ukuzimisela, ukuzibophezelela nasekukhuthaleleni ukulethwa kwentuthuko emphakathini kuzokhunjulwa kakhulu." IMeya yaseMhlathuze, uMnuz Xolani Ngwezi, idlulise amazwi enduduzo emndenini kaMyaka, eqenjini abelihola, i-ACDP, nasebandleni ngezikhathi ezinzima.
"Akulahlekelwanga umndeni kuphela ngokudlula emhlabeni kukaMyaka kodwa nedolobha laseMhlathuze kanjalo nezakhamuzi bagqemeke udume lwengozi ngokuhamba kwalesi sishoshovu ebesenza umsebenzi waso ngokwethembeka.
"UMasipala waseMhlathuze usaphatheke kabi ngendlela uMyaka ahambe ngayo emhlabeni. Abazibonele ngawabo amehlo bathe udutshulwe ngumhlaseli esephakathi nentshumayelo. Amanye amadoda amabili abehlome ngezibhamu abekhona abalekile endaweni yesigameko. Umasipala ubambisene nabengalo yomthetho njengoba bephenya ngalesi sigameko.
Sesiphetha isitatimende sithe ubuholi bukamasipala, obebuholwa wuSomlomo womkhandlu, uCllr TS Gumede, uvakashele umndeni kamufi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aseMpangeni aphenya icala lokubulala kulandela isigameko lapho owesilisa oneminyaka ewu-58 edutshulwe ngabasolwa ngoJuni 27 kulo nyaka emgwaqweni, u-Amansana Street, "Kusolwa ukuthi umufi ubesenkonzweni ngesikhathi edutshulwa," kuphetha uConstable Ngcobo.