IKHATHAZEKE ngokufa komsolwa lingakaphumi iqiniso, imindeni yabesifazane ababili okusolwa ukuthi badutshulwa babulawa yiphoyisa elalithandana nabo, isidumbu salo okuthiwa sitholwe silenga esitokisini eWestville, ngoMgqibelo, okusolakala ukuthi lizibulele.
UConstable Mlungisi Blessing Sikhakhane (27) obesebenzela esiteshini samaphoyisa esiseHillcrest, ubebhekene namacala okubulala, uNksz Enhle Majozi (18) noNksz Sithembile Ngobese (24) okuthiwa izidumbu zabo zatholwa zinamanxeba okudutshulwa endlini kamsolwa, KwaNyuswa, ngo-Okthoba.
Uyise kaNksz Ngobese, uMnuz Issac Ngobese, uthe nakuba ubesadinga izimpendulo ngokubulawa ngesihluku kwendodakazi yakhe, kodwa uma kuwukuthi umsolwa uyena ozibulele, lokho kuyamenelisa ngoba kusho ukuthi uyabubona ububi abenza.
“Namanje angikazi ukuthi yikuphi ngempela okwaholela ekutheni anqume ukubulala izingane ngale ndlela? Benginethemba lokuthi izimpendulo ngizozithola ngelinye ilanga, kodwa sekucacile ukuthi ngeke ngisazithola ngoba nakhu naye akasekho. Akumnandi ukuhamba komuntu emhlabeni, ngakho thina njengendlu emnyama siyakuhlonipha kakhulu ukufa komuntu, ngakho ngeke ngithi ngijabule ngokufa kwakhe, kodwa uma kuwuyena onqume kanjalo, okwakhe kungcono kunezingane zethu eziphucwe ukuphila zisakuthanda,” usho kanje.
UMnuz Sandile Msomi onguyise ka-Enhle, uthe bebengakulindele ukuthola izindaba zokufa kukamsolwa.
“Ngikholwa ukuthi kunezinto abebhekene nazo ezimenze wathatha lesi sinqumo. Ngokomqondo uma kukhona into ethile embi oyenzile, ilokhu ihlala ebuya njalo engibona ukuthi yikhona okumenze wancamela ukuthatha lesi sinqumo. Siphoxekile ukuthi iqiniso ngeke sisalithola, kodwa ngakolunye uhlangothi ngeke kusabakhona ukuthi atholwe enecala agwetshwe aqede isigwebo aphume, ngiyajabula ukuthi uthathe lesi sinqumo ngokwakhe,” kusho uMsomi.
Kwenzeka lokhu nje, uSikhakhane ubevele eNkantolo yeMantshi yasePinetown ngesonto eledlule, kanti phambilini ummeli wakhe wanquma ukuhoxa ekutheni amumele. Bekulindeleke ukuthi abuye nommeli omusha obezomfakela isicelo sebheyili.
Okhulumela uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo KwaZulu-Natal, uMnuz Thulani Mdluli, uthe kuqalwe uphenyo lwangaphakathi, kanti udaba ludluliselwe emaphoyiseni nakwi-Judiciary Inspectorate for Correctional Services.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobibile Gwala, uthe amaphoyisa aseWestville, aphenya idokodo ngokufa komuntu.