LALE laphetha ijaji kwelokubulawa kukaSenzo Meyiwa ngesikhathi ummeli ecela ukuthi kubizwe udokotela azofakaza.
Ocele lokhu u-Advocate Thulani Mngomezulu, ongummeli kammangalelwa wokuqala, uMuzikawukhulelwa Sibiya nowesibili, uMnuz Bongani Ntanzi.
UMngomezulu ucele ukuthi kubizwe udokotela wamazinyo owahlola uNtanzi ngoJuni 22, 2020 nokuwusuku okuthiwa uNtanzi wavela ngalo eNkantolo yeMantshi yaseVosloorus.
Ummeli ubekade efuna udokotela azocacisa okuqukethwe ngumbiko wakhe awubhala ngosuku uNtanzi okuthiwa wavela ngalo enkantolo.
Udaba luqale lwavezwa umshushisi woMbuso u-Adv George Baloyi. NgoLwesithathu icala liguqe uMbuso ubheka umbiko kadokotela wamazinyo.
“U-Adv Mngomezulu usukume wezwakalisa isizathu sokuthi banikezele ngalo mbiko ukuze baveze ukuthi ummangalelwa wahlolwa ngoJuni 22, udokotela wamazinyo,” kusho uBaloyi.
UBaloyi ubekade ekhala ngokuthi kungani uMngomezulu efuna kubizwe udokotela ekubeni bese beqede bonke abameli babasolwa ukuphica ngemibuzo iphoyisa elingufakazi.
“Namuhla ekuseni sivumelane ngokuthi abizwe lo dokotela ukuze azophendula ngombiko wakhe phambi kwale nkantolo,” kusho uBaloyi.
IJaji Ratha Mokgoatlheng uthe umangazwa ukuthi akuzange kube khona zikhalo ngoLwesithathu.
UMngomezulu usukume wathi bese bevumelene noMbuso ngokubizwa kukadokotela.
Kodwa uMokgoatlheng uphendule ngelithi lokho akuhlangani nenkantolo.
“Into exakayo ukuthi le nto osufuna yenziwe manje awuzange uyiphakamise izolo (ngoLwesithathu) ima uyiphakamisa manje,” kusho uMokgoatlheng.
Uqhube wathi inkantolo ayiphoqelekile ukuthi ingene kokuvunyelwane ngakho phakathi koMbuso nabamele abamangalelwa.
Ijaji liqale lathi alinqabi ukuthi abizwe lo fakazi kodwa libona sengathi ummeli ulwela ubulungiswa ohlangothini olulodwa okungelabamangalelwa.
Lize lacaphuna esinqumweni okwafinyelelwa kusona ngo-2009 ngamanye amajaji ayisihlanu odabeni olufanayo.
Lithe lawa majaji athatha isinqumo sokuthi angalethwa ufakazi owabizwa ngendlela efuze lena.
Emuva kokucaphuna lesiya sinqumo, ijaji libe selithi kalivumi ukuthi kubizwe ufakazi ngoba uma kukhulunywa ngendlela enobulungiswa ekuqulweni kwecala, kufanele kubukwe nhlangothi zonke.
Emuva kwalokho kube sekufakaza iphoyisa uCaptain Martin Nayilana.
Lithe lalijutshwe ukuthi lishayele imoto yombutho wamaphoyisa ngoJuni 5, 2020 okuwusuku uSibiya aya kokhomba ngalo indawo yesigameko.
Udalulele inkantolo ukuthi kwathi sebefike eVosloorus, uSibiya kwabe sekunguye obakhombisa indlela.
Lokhu kuphikisiwe uMngomezulu esempheka ngemibuzo, wathi uSibiya akakaze akhulume nabo bengamaphoyisa ebayalela indlela kodwa wathula waze wayofika endaweni yesigameko.
Icala liyaqhubeka namuhla.