AYIPHUMELELANGA imizamo ye-EFF neMK ePhalamende yokuthi kuhlehliswe inkulumo yokuvulwa kwePhalamende nguMengameli Cyril Ramaphosa ngesonto elizayo.
La maqembu abefuna inkulumo ihlehliswe ngenxa yokuthi sincane isikhathi esinikwe amakomiti ukuthi aphasise isabelomali seminyango, okumele kuphothulwe kule nyanga.
Okukhalisa i-EFF neMK wukuthi, uRamaphosa wenze kwaba nalesi simo sokusheshisa izinto ngenxa yokuthi waphuza ukukhetha iKhabhinethi entsha ngenxa yokuthi kwakusaqhubeka izingxoxo zamaqembu zokubumba uhulumeni.
Emhlanganweni wekomiti lemigomo lasePhalamende izolo, uDkt Mbuyiseni Ndlozi we-EFF, ukhononde ngokuthi amalungu ePhalamende anikwe isikhathi esincane sokuthi afundisise imiqingo ethinta isabelomali.
Uveze ukuthi emihlanganweni yamakomiti bekudingeka kukhethwe osihlalo kuphinde, kubhungwe ngeyesabelomali.
“Yingakho sithi akuhlehliswe ukuvulwa kwePhalamende ngenxa yokuthi nguyena uRamaphosa ophuze ukuqoka iKhabhinethi. Ngemuva kwalokho kudingeke ukuthi kwakhiwe amakomiti asePhalamende, azobhekela iminyango. Ayihlehliselwe u-Agasti eyenkulumo yokuvulwa kwePhalamende ukuze sibe nesikhathi esenele.”
UMnuz Mnqobi Msezane weMK, ukhale esifanayo ngokuthi sincane isikhathi esinikwe amalungu ukuthi afunde imiqingo ethinta isabelomali ukuze siphasiswe.
Uthe le miqingo ifika ngayizolo ebusuku, ekuseni ngosuku olulandelayo kumele kubhungwe ngayo.
“Sincane isikhathi esinikwe amalungu amakomitini ukuthi acubungulisise. Amalungu cishe wonke amaqembu akhala esifanayo, yingakho sithi akuhlehliswe imihlangano.”
URamaphosa uzothula inkulumo yokuvula iPhalamende lehlandla lesikhombisa likahulumeni, ngoJulayi 18.
NgoJulayi 19, kuzoba nenkulumo mpikiswano ngenkulumo kaRamaphosa. NgoJulayi 22, uRamaphosa uzophendula obekushiwo amalungu ePhalamende.
UNksz Veronica Mente we-EFF, uthe ukushoda kwezindawo zemihlangano zibhebhethekise isimo njengoba amanye amakomiti kudingeke asheshe aphume lapho abehlangene khona ngenxa adedele elinye ikomiti.
Uthe njengoba behlangana njalo beyikomiti lasePhalamende yingoba basuke bezoxoxa ngezingqinamba ezikhona futhi nohlelo lwasePhalamende lungabuyekezwa uma kunezikhalo ngalo.
USomlomo wePhalamende uNkk Thoko Didiza, uthe bawutholile umbiko ngezinye izinselelo ezibhekane namalungu kwamanye amakomiti.
Uthe uhlelo lwePhalamende abalusebenzisayo lwavunywa yiwona wonke amalungu ayemelwe osotswebhu bawo.
“Kuhlehliswe isabelomali seminye iminyango ngenxa yokuthi amakomiti abhekele le minyango abesazihlela. Amakomiti azokwazi ukuhlala kumele aqhubeke, kuthi lawo anezinselelo kuhlehliswe imihlangano.”
Uthe njengoba emaningi amaqembu ayingxenye yePhalamende babona ukuthi kungcono kwandiswe izinsuku ukuze athole ithuba lokuphawula enkulumeni kaRamaphosa.
Usotswebhu we-ANC uMnuz Mdumiseni Ntuli, unxuse ukuthi kungashintshwa uhlelo lokuvulwa kwePhalamende ngoba kubalulekile ukuvulwa kwale ndlu kuleli hlandla.