UKWANDA kwezimboni ezitshala imali eMkhambathini, kunika ubuholi bendawo ithemba lokuthi idolobha lizophenduka isizinda somnotho ngokushesha.
Imeya kaMasipala waseMkhambathini, uMnuz Nhlakanipho Ntombela, ithe bafuna ukuthi idolobha libe seliyisizinda somnotho ngo-2040.
Ziningi izimboni nezinkampani ezakhiwayo eMkhambathini, muva kusanda kuvela ukuthi isikhondlakhondla senkampani kabhiya iHeineken, izokwakha isikhungo sokuvubela ubhiya eMkhambathini.
Isikhungo sokuvubela ubhiya esizokwakhiwa eMkhambathini kuthiwa singase sidle imali elinganselwa ku-R6 billion.
UNtombela uthe basembhidlangweni wokweshela ezinye izinkampani ukuba zitshale izimali eMkhambathini. Ukusho lokhu ngesikhathi umasipala unesidlo sasebusuku sokweshela abatshali bezimali, ngoLwesine ebusuku.
“Siyidolobha elincane, elisemakhaya kodwa maningi amathuba akhona lapha endaweni yethu. Yingakho sinxusa abatshali zimali ukuthi beze lapha endaweni yethu,” kusho uNtombela.
UNtombela uqhube wathi ukwanda kwezimboni kuzohlomulisa abantu baseMkhambathini.
“UMkhambathini wakhelwe izindawo zasemakhaya. Awekho amathuba emisebenzi lapha. Abantu abaningi baseMkhambathini basebenza emadolobheni anjengakoThekwini, Mgungundlovu namanye. Ukwakhiwa kwezimboni kuzohlomulisa abantu baseMkhambathini.”
UNtombela uthe ziningi izinhlelo abazenzayo njengomasipala ukuhlangabezana nezidingo zabatshali zimali.
“Sifuna ukwenza ukuthi izimboni zikwazi ukusebenza ngaphandle kwezihibe uma sezifikile lapha. Njengamanje simatasa nohlelo lokuphathwa komhlaba.”
UNtombela uthe into ebanikeza inselelo njengomkhandlu ukungabi khona kwengqalasizinda yokuthuthwa kwendle.
“Uma uzobheka amathoyilethe esinawo awomgodi, asinayo ingqalasizinda yokuthuthwa kwendle. Lokhu kuphazamisa izinhlelo zezimboni. Yingakho emcimbini wanamhlanje simeme noMnyango wezaManzi neNhlanzeko. Sifuna ukuzwa kubona ukuthi ayikho yini indlela okungenziwa ngayo ukuze sikwazi ukuthola ngokushesha ingqalasizinda yokuthuthwa kwendle.”
UNtombela uthe kuphephile ukutshala izimali eMkhambathini, wathi abantu bendawo bazamukela kahle izimboni ezifikayo.
“Akukaze kube khona abantu abaphazamisayo kuzo zonke izimboni ezakhiwayo. Akukaze kube khona abantu ababhikishayo. Abantu baseMkhambathini bafuna ukubona idolobha labo likhula,” kusonga uNtombela.