BONISWA MOHALE
IDEMOCRATIC Alliance (DA) isicele uMengameli Cyril Ramaphosa ukuthi ayinekele izwe inkontileka kaNgqongqoshe kagesi uMnuz Kgosientsho Ramokgopa ukuze kuzocaca kahle ngomsebenzi wakhe.
IDEMOCRATIC Alliance (DA) isicele uMengameli Cyril Ramaphosa ukuthi ayinekele izwe inkontileka kaNgqongqoshe kagesi uMnuz Kgosientsho Ramokgopa ukuze kuzocaca kahle ngomsebenzi wakhe.
UMnuz Kevin Mileham okhulumela iDA kwezamandla ePhalamende, uthe bafuna ukwazi kahle ukuthi uRamokgopa uza naziphi izixazululo enkingeni yokunqamuka ugesi.
“Inkinga yokunqamuka kukagesi kufanele ixazululwe ngokushesha ngakho kubalulekile ukuthi sazi ukuthi uNgqongqoshe kagesi yikuphi ayalelwe kona ukuthi asheshe akulungise. Simzwile uRamokgopa ethi uzoqinisekisa ukuthi uhlelo lokuqeda ukunqamuka kukagesi okwakuvunyelwene ngalo ngo-Agasti luyasebenza, sifuna ukukubona kwenzeka lokhu,” kusho uMileham.
Yize uRamaphosa engakaphenduli kwiDA ukuthi uzoyineka esidlangalaleni inkontileka kaRamokgopa njengoba yenze lesi sicelo ePhalamende kodwa ngempelasonto, uthe seziqalile ukusebenza izinhlelo zabo zokulwa nenkinga yokunqamuka kukagesi.
Kule mpelasonto iNingizimu Afrika ibone kwehla izigaba zokunqamuka kukagesi, zaze zama nokuyinto eyagcina ukwenzeka ngoMeyi 8 wonyaka odlule.
Isazi sepolitiki esizimele uMnuz Thabani Khumalo sithe ukuqokwa kukaNgqongqoshe kagesi kudala isiphithiphithi esingenasidingo ngoba akucacisi ukuthi ibhodi, izikhulu zase-Eskom noNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni nowezaMandla sebezokwenzani.
Uthe okungcono bekufanele uRamaphosa aqede nya ngoMnyango wamaBhizinisi kaHulumeni abe esefaka i-Eskom ngaphansi koMnyango wezaMandla nokuMbiwayo ngoba vele bekunesigungu esizama ukuthola isisombululo enkingeni yokunqamuka kukagesi.