I-DA igqugquzele abahola izibonelelo zikahulumeni ukuba bavule ama-akhawunti asebhange emuva kokuthola ukuthi abaningi abakwazi ukuthola imali yabo eposini.
UNkk Bridget Masango okhulumela iDA kwezokuThuthukiswa koMphakathi ePhalamende, uthe bathole izikhalo kubantu abahola impesheni emaposini njengoba bengayitholi.
Uveze ukuthi abantu batshelwa ukuthi ngeke bayithole imali yabo bengakashintsheli emakhadini amnyama asePostbank noma bayalelwe ukuthi abayohola ezitolo.
Lokhu uthe kudala izinkinga kubantu abadala akade bejwayele ukuyohola eposini ngaphansi kwePostbank.
“Ukushintsha kwezinhlelo zePostbank kusho ukuthi abantu abadala abazitholi izibonelelo zabo emaposini. Sithole ukuthi abantu batshelwa ukuthi mabashintshele emakhadini amasha amnyama asePostbank bashintshe lawa anombala osagolide akwaSouth African Social Security Agency (Sassa). Sibona ukuthi umlayezo wokushintshwa kwamakhadi awuzange ufinyelele kubantu ngesikhathi yingakho sebekhala uma bechazelwa ukuthi kufanele bashintshe amakhadi,” kusho uNkk Masango.
Uthe bazokhuluma noNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Sisisi Tolashe ngalolu daba ngoba luphazamisa abadala abasuke beyohola impesheni yabo kahulumeni.
Ubalule ukuthi yize amakhadi anombala osagolide eSassa esasebenza njengoba ezophelelwa yisikhathi makuphela lo nyaka kodwa kubukeka sengathi abanye abasebenzi baseposini abakwazi lokhu.
“Sicela abantu bashintshele ukuhola izibonelelo zabo emabhange ngoba izinkinga zaseposini ziphazamisa ukuholwa kwezibonelelo. Kunzima ngoba iposi liwusizo kakhulu emakhaya lapho kungekho khona izinxanxathela zezitolo. Njengamanje abantu batshelwa ukuthi abayohola isibonelelo ezitolo. Lokhu kusho ukuthi bazogibela ukuze bafinyelele kuzo. Kunzima ngoba abanayo nemali yokugibela.”
Ubuye wakhala ngokuthi izibonelelo zikahulumeni azisaholwa uma kuqala inyanga nakho lokhu kwandisa umthwalo kwabaziholayo njengoba belindela ukuthola imali uma kuphela inyanga.
Uthe encwadini abayibhalile bafuna uNgqongqoshe aqinisekise ukuthi abasebenzi baseposini bayakuqonda ukuthi amakhadi akwaSassa asasebenza futhi abantu bayayithola imali yabo noma bengakawenzi amakhadi amnyama.
Abafuni kube nomuntu ojikiswayo eposini ngenxa yokuthi akakalishintshi ikhadi kodwa wonke umuntu kufanele asithole isibonelelo sakhe.
Bafuna kubhekwe nezinye izindlela abantu abangathola ngayo izibonelelo zabo njengoba benezingqinamba emaposini asemakhaya.
Uphethe ngokuthi abafuni kube nezithiyo ezivimba abantu ukuba bathole izibonelelo.