KULINDELEKE ukuthi iCosatu ibe nokhukhulelangoqo wemashi namuhla njengoba kugujwa usuku iWorld Day for Decent Work.
KULINDELEKE ukuthi iCosatu ibe nokhukhulelangoqo wemashi namuhla njengoba kugujwa usuku iWorld Day for Decent Work.
Ngokusho kukaMnuz Sizwe Pamla okhulumela iCosatu, imashi izoba semadolobheni ahlukene eGoli, Cape Town naseThekwini.
Uthe babiza zonke izisebenzi ukuthi zibe yingxenye yemashi.
Uthe inhloso yemashi ukuthi bafune ngodli ukuhlonishwa kwemithetho yabasebenzi.
“Ngesikhathi isungulwa iCosatu, eminye yemigomo yayo kwakungukuthi ilwele abasebenzi ezintweni ezifana namaholo, nokuthi kuphucuke impilo yabo,” kusho uPamla.
Uthe njengamanje bazizwa benomdlandla kunakuqala ukuthi basukume balwele amalungelo abasebenzi.
Uthe ukunganakekelwa kwamaholo abasebenzi, neminye imihlomulo yabo efana nezimpesheni, ezempilo, imfundo nokubhekela kwenhlalonhle yabasebenzi, yikho okubasukumisayo.
“Uhulumeni unciphisa imali esikhwameni esiholela abasebenzi. Lokho kuyabalimaza abasebenzi kanti akugcini lapho kuphela, kuphinde kushaye kuzwele nasemnothweni,” kusho uPamla.
Uthe abasebenzi kudinga ukuthi babumbane balwele imisebenzi yabo, inkohlakalo nokuxega kokusebenza kwengalo yomthetho.