SEBUPHELE nya ubudlelwano kumaqembu ayehlangene nge-ANC ngaphambi kokhetho, i-DA ne-ActionSA.
Isipikili sokugcina ekuchithekeni kobudlelwano bawo sishayelwe ngesikhathi i-ActionSA ihlamuka i-DA kuMasipala waseTshwane.
I-ActionSA ivote namaqembu aphikisayo ukuba kukhishwe iMeya ye-DA kulo mkhandlu, uMnuz Cilliers Brink, emhlanganweni womkhandlu, obuyizolo.
UBrink ukhishwe ngevoti lokungabethembi ubuholi bakhe emva kokuthi i-ActionSA ivote ne-ANC ne-EFF.
Amakhansela angu-120 avotele ukuthi uBrink akhishwe, kwathi angu-80 wona avotela ukuthi angakhishwa.
Ngaphambi komhlangano wayizolo, i-ActionSA ibikade ibambisene ne-DA emkhandlwini njengoba i-ActionSA iphethe isikhundla sephini lemeya, iphinde ibe nesikhundla esigungwini esiphezulu esilawula umkhandlu.
Bobabili i-DA ne-ActionSA bebephinde bebe ingxenye yamaqembu abefuna ukukhipha i-ANC ngaphambi kokhetho lukazwelonke
Uqhekeko kula maqembu luqale ukugqama emva kokhetho, ngesikhathi i-DA ijoyina uhulumeni wokubambisana oholwa yi-ANC.
I-ActionSA yasigxeka isinqumo se-DA, yathi siphambene nesivumelwano esasayinwa ngaphambi kokhetho.
Muva nje, i-ActionSA isanda kusebenzisana ne-ANC kuMasipala waseJohannesburg, yachayisa i-DA.
Amalungu e-DA abenombhikisho wokuzwelana noBrink ngesikhathi kuqhubeka umhlangano wayizolo, athi i-ActionSA icasulwa ukuthi ayizange yenze kahle okhethweni lwangoMeyi.
Umholi we-DA eGauteng, uMnuz Solly Msimanga, uthe ukuba i-ActionSA yenza kahle okhethweni lwangoMeyi, i-DA yayingeke isebenzisane ne-ANC.
“Bathola amavoti amancane kakhulu nokwenza ukuthi singakwazi ukwakha uhulumeni wokubambisana.”
UMsimanga uthe ukukhishwa kukaBrink kuzophazamisa imizamo yokubuyisa uzinzo emkhandlwini.
Umholi we-ActionSA, uMnuz Herman Mashaba, uthe bakhethe ukukhipha i-DA ngenxa yokwehluleka kukaBrink ukuphatha umkhandlu.
“Izinto bezingahambi kahle lapha emkhandlwini ngesikhathi kuphethe uBrink. Sonke siyazi ukuthi isimo sezezimali asisihle lapha emkhandlwini. Umkhandlu uthole umbiko ongemuhle kuMcwaningi maBhuku kanti futhi uyehluleka ukuhambisa izidingo kubantu.”
UNobhala we-ANC eGauteng, uMnuz TK Nciza, uthe liphume nobomvu.
“Sijabule ukuthi uBrink ukhishiwe, ubezenzela umathanda lapha. Ngibongela abantu abamnyama asebezothola izidingo. Abantu abamnyama bebenganakiwe ngesikhathi kuphethe uBrink.”
Imeya entsha yomkhandlu izoqokwa emhlanganweni womkhandlu ozobizwa maduze.