INXUSA umphakathi waseMtubatuba ukuthi uyinikeze isikhathi imeya esanda kuthatha izintambo kumasipala wakule ndawo.
UMnuz Mandlakayise Zungu ungene esikhundleni sikaMnuz Velangenkosi Gumede obephethe lo masipala okuke kwaba nemibhikisho amalungu omphakathi efuna ehliswe esikhundleni. Ekhuluma neSolezwe, uZungu uthe uyaziqonda izidingo zomphakathi kodwa kumele umphakathi uqonde ukuthi awukho umlingo ongenzeka ngokushesha ukufeza konke okufunwa abantu.
“Ngiyawunxusa umphakathi wakithi ukuthi ubekezele ungalindeli izimanga. Kumele wazi ukuthi yonke into yenzeka ngesikhathi akwenzeki ngomlingo,” kusho uZungu.
Lo masipala ukhungethwe yizinkinga njengoba kunezinsolo zokudliwa kwemali enguR136 million. Ngenyanga edlule umphakathi uvuke indlobane wabhikishela ukuthi akususwe esikhundleni uGumede okugcine ngokuthi i-IFP ithathe isinqumo sokufaka imeya entsha.
UZungu ugcizelele ukuthi ukugwema ukulahleka kwemali, kumele zonke izikhulu zikamasipala ziqonde kahle imisebenzi yazo ukuze zingazitholi sezifakwa obishini ngabathile abaqhuba izinhloso zabo, zinganakile.
UZungu ubeseke waba yiphini lemeya kuMasipala uMkhanyakude ngo-2010, kanti uqale ukusebenza kuMasipala waseMtubatuba nowaKwaHlabisa ngaphambi kokuthi adlulele eMkhanyakude.
Okhulumela i-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe ukuqokwa kukaZungu kungenxa yamava akhe ekusebenzeni nasekuqondeni izindlela zokusebenza kulo masipala.
Ngesikhathi ebuzwa ngokugcotshwa kukaZungu kwesobumeya ekubeni eseneminyaka engu-68 ubudala, uthe iqembu likholelwa kumuntu ovuthiwe ebuholini kungakhathalelwe ukubheka iminyaka yakhe yobudala.
“I-IFP inenqwaba yentsha ezinhlakeni ezehlukene zobuholi kusuka komasipala kuya kuzwelonke. Yize kunjalo, ayibandlululi ngokweminyaka kodwa ibheka ikhono namava omuntu,” usho kanje.
Uthe obeyimeya uGumede ujutshwe kuMasipala waseMkhanyakude.