ASHILE amadamu koyiMeya kuMasipala waseMsinga, uMnuz Mletheni Ndlovu, ngesikhathi eboshelwa ukutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nabaqaphi bakhe.
Umthombo weSolezwe ngeSonto ongafihli lutho, uthe uNdlovu uthathwe ngamaphoyisa nabaqaphi bakhe ngoLwesihlanu ebusuku.
Umthombo uthi iMeya icashunwe ngamaphoyisa kwathathwa zonke izibhamu ebeziphethwe ngabaqaphi ukuze ziyohlolwa kabanzi ukuthi azithinteki yini ezenzweni zobugebengu.
UMasipala waseMsinga, usezandleni ze-IFP kanti uNdlovu ujutshwe yiqembu esikhundleni asiphethe.
UNdlovu uboshwa nje, ubesanda kuba sematheni ngezinsolo zokubulala ikhansela uMnuz Siyanda Magubane wakuwadi 11, eMsinga.
UNdlovu wangena ehlazweni ethamele inkonzo yomngcwabo wekhansela, wakhonjwa ngumuntu wathi nguyena umbulali.
Iphoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba lithe ukhona umlisa oboshiwe abanye abenabo.
“Uboshelwe ukutholakala nesibhamu esingekho emthethweni, uthathwe nabanye abalisa abehamba nabo,’’ kusho lona.
Imeya uNdlovu kulindeleke ukuthi ivele enkantolo kusasa ibhekene necala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.
Isolezwe ngeSonto lihoshe nokuthi icala lokubulawa kwekhansela lisetshenzwa yithimba elibhekene namacala okubulawa kosopolitiki.
Kwenzeka konke lokhu nje, i-IFP ilokhu ingena ehlazweni ngenxa yezikhulu zayo. NgoLwesihlanu umphakathi ubumashela iMeya kamasipala Abaqulusi, uMnuz Mncedisi Maphisa, uyisola ngenkohlaklo.
Khona kuMasipala Abaqulusi, kusanda kuvela ividiyo kaSomlomo uMnuz Mkhonyovu Khumalo, ethi bazoqasha umuntu ngaphandle kokulandela imigudu.
UKhumalo wayekhuluma enkonzweni yomngcwabo womuntu thizeni obesebenza kumasipala.
Okhulumela i-IFP uMnzu Mkhuleko Hlengwa , uthe iqembu belingakezwa ngokuboshwa kwemeya.
“Besingakatholi umbiko kodwa sisamile kwesakusho ukuthi amaphoyisa awenze umsebenzi wawo. I-IFP izothatha izinyathelo emuva kokubona izinyathelo zamaphoyisa. Uma siwuthola umbiko ophelele siyobe sesixoxa ngalo udaba emhlanganweni wesigungu esiphezulu kusasa,” kusho uHlengwa.
UNksz Lirandzu Themba okhulumela ihhovisi likaNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele, uthe bayaluzwa udaba bacela ukuqoqa yonke imininingwane ngaphambi kokuphawula.