INHLANGANO eyengamele ezempilo emhlabeni jikelele, iWorld Health Organization (WHO), izwakalise ukukhathazeka ngokwenyuka kwesibalo sabaphethwe yi-monkey pox e-Afrika.
UMqondisi we-WHO, uDkt Tedros Adhanom Ghebreyesus ubize umhlangano ophuthumayo ngoba efuna ukwazi ukuthi kufanele yini ukuthi imonkey pox ithathwe njengesifo esihlasele emhlabeni jikelele (international emergency).
Uveze ukuthi okumenze wabiza umhlangano wukuthi selokhu imonkey pox yaqubuka eDemocratic Republic of Congo (DRC) ngoSepthemba, ilokhu ivela nakwamanye amazwe alapha e-Afrika. Ngaphambi kokuba ibikwe eDRC ibihlasele emazweni ase-Europe.
“Umhlangano uzohlala maduzane futhi uzobe usihlanganisa nongoti abazimele bezempilo emhlabeni jikelele. Sifuna ukwazi ukuthi ngabe imonkey pox sesingayithatha njengesifo esihlasele emhlabeni jikelele yini,” kusho uDkt Tedros.
Umthetho uthi nguTedros kuphela njengomqondisi we-WHO okwazi ukusho ukuthi isifo sesihlasele emhlabeni jikelele ukuze kulandelwe imithetho ebekwe yile nhlangano yokulwa naleso sifo.
UTedros uveze ukuthi kulo nyaka bawu-14 000 abantu abaphethwe yiMpox eDRC kanti bawu-511 esibabulele.
Uthe okumkhathazayo wukuthi ngoJulayi kubikwe ukuthi bangaphezu kuka-50 abantu abaphethwe yi-monkey pox eDRC. Kubuye kwabikwa ukuthi bakhona nabanye eBurundi, Kenya, Rwanda, Uganda naseNingizimu Afrika.
UMnuz Foster Mohale woMnyango wezeMpilo kuleli, uthe bawu-24 abantu abaphethwe yi-monkey pox eNingizimu Afrika. Abawu-12 base-Gauteng kuthi abawu-11 babe KwaZulu-Natal, oyedwa useWestern Cape.
Khonamanjalo iWHO izwakalisa ukukhathazeka ngokwenyuka kwezibalo zabaneCovid-19.
UDkt Maria van Kerkhove ongungoti wezifo ezithelelanayo kwi-WHO uthe emazweni awu-84 emhlabeni bathole ukuthi siyanyuka isibalo sabaneCovid emasontweni edlule.
Uthe abatholwa benalesi sifo bawu-10% kodwa kuyahluka ngokwamazwekazi (contintents) njengoba e-Europe abatholwa beneCovid-19 bewu-20%.
USihlalo we-South African Medical Association, uDkt Mvuyisi Mzukwa, uthe asikho isidingo sokuthi abantu bakuleli basabe.
“Bancane kakhulu abantu bakuleli abane-Covid-19 ngoba okwamanje basaphethwe wumkhuhlane ojwayelekile,” kusho uDkt Mzukwa.
IWHO igqugquzele abanamasosha omzimba antengayo nabasengcupheni yokungenwa kalula yizifo ukuba bagomele iCovid-19.