OWAYENGUMENGAMELI we-ANC nezwe, uMnuz Jacob Zuma, ukhishiwe esikhundleni sokuba nguSihlalo weSANCO KwaZulu-Natal, esolwa ngokungayi ngisho kowodwa umhlangano wayo selokhu akhethwa.
I-SANCO yinhlangano yabahlali engamadlelandawonye ne-ANC. UZuma ukhethelwe esikhundleni ngoNovemba 3, wonyaka odlule. Kumanje uZuma uphansi phezulu noMkhonto weSizwe, okuyiqembu elisha amemezela ukuthi uzoleseka alivotele okhethweni.
UNobhala weSANCO KwaZulu- Natal uMnuz Sizwe Cele, umemezele ukukhishwa kukaZuma esithangamini nabezindaba eThekwini. UCele uthe uZuma akaze ahlale ngisho umhlangano owodwa selokhu akhethwa nokuyinto ephambene nomthethosisekelo wenhlangano.
“Umthethosisekelo wethu isigaba 35c uthi, uma umuntu osesikhundleni engafiki emhlanganweni kuze kube kathathu kuyothathwa ngokuthi ulaxaze isikhundla. UZuma wenze njalo naye ngakho simkhiphile esikhundleni simthumelele nencwadi emazisa ngalokhu,’’ kuchaza uCele.
UCele uthe kuyamangaza okwenziwe wuZuma ngoba ngesikhathi ekhethwa wavuma yena qobo lwakhe, ukuthi uzimisele ukwemukela ukukhethelwa esikhundleni.
Uqhube wachaza ukuthi bakhuphule uMnuz Lawrence Dube, oyiPhini likaSihlalo ukuthi abambe kwesikasihlalo esikhaleni sikaZuma. Uthe udaba luxoxwe kabanzi emhlanganweni wesigungu esiphezulu bavumelana ngokuthi kufanele kwenziwe izinguquko ngoba uZuma usekhishiwe.
UCele uthe abakashintshi ekutheni beseka i-ANC futhi alikho ilungu labo elivumelekile ukweseka elinye iqembu ngaphandle kwe-ANC. Uthe uma amalungu abo enza njalo ayothathelwa izinyathelo.
Kuvela udaba lweSANCO nje, muva nje uZuma uthunyelelwe incwadi yi-ANC, imazisa ukuthi umisiwe njengelungu watshelwa nohlu lwamacala akhe. UZuma ubesathule futhi akucaci noma uzoyiphendula incwadi noma ngeke.
Kulindeleke ukuthi i-ANC ithathe isinqumo ngekusasa likaZuma emhlanganweni emuva kwesikhathi imbhalele. UZuma usanda kukhuluma eMlaza, ethi ngeke ezwe nge-ANC futhi akasabi muntu.