I-SACP, ewumunxa wamadlelandawonye e-ANC neCosatu, seyiphumele obala yazwakalisa ukweseka uMengameli we-ANC olandelwa yifu elimnyama, uMnuz Cyril Ramaphosa.
AmaKhomanisi athe akufanele uRamaphosa ashenxe esikhundleni njengoba engaphansi kwengcindezi yokuthi asule.
Lokhu akusho ngesikhathi ekhuluma nabezindaba kalandela umhlangano wesigungu esiphezulu sawo obungempelasonto.
URamaphosa ungaphansi kwengcindezi yokuthi ashenxe esikhundleni njengoba umbiko wophenyo, obuholwa yijaji eselathatha umhlalaphansi, uSandile Ngcobo, uthole ukuthi kungenzeka uRamaphosa waphula umthetho ngendlela asingatha ngayo udaba lokugqekezwa kwepulazi lakhe eliseLimpopo, iPhala Phala.
Njengamanje ikusasa likaRamaphosa lilele ezandleni zesigungu esiphezulu kwi-ANC, okuyiso esizonquma ukuthi kufanele yini aqhubeke nokuqhoqhobala izintambo zoMbuso.
Kepha uNobhala weSACP, uMnuz Solly Mapaila, uthe kusesekuseni ukuthi uRamaphosa usengasula.
UMapaila uthe umbiko kaNgcobo usengaphonselwa inselelo ezinkantolo.
“Umbiko wethimba awubhekanga zonke izingxenye zomthetho. Usangaphonselwa inselelo ezinkantolo. Kufanele sinikeze umengameli ithuba lokuthi aphonsele inselelo umbiko uma kuwukuthi unezinhloso zokwenza njalo. Leli yilungelo lakhe elikuMthethosisekelo. Bayagagamela labo abathi umengameli kufanele asule esikhundleni.”
UMapaila uthe okubakhathazayo ukuthi kukhona asebesebenzisa lo mbiko ukukhankasela izikhundla engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC ezokuba kule nyanga.
URamaphosa uwungenele umbango wezikhundla kule ngqungquthela njengoba efuna ihlandla lesibili ekuholeni i-ANC.
Izimbangi zakhe zifuna ahoxe kulo mjaho njengoba i-ANC inomthetho ovimba abaholi abanamacala ukuthi bangawungeneli umbango wezikhundla.
UMapaila uthe akufanele kusetshenziswe lo mbiko ukukhankasela izikhundla kwi-ANC.
UMapaila uthe kuningi okungonakala uma uRamaphosa engase esule manje.
“Sidinga ukuthi kube nobuholi obuqotho yingakho sinxuse kwi-ANC ukuthi ikhombise ubuholi ngalesi sikhathi esinzima kangaka.”
I-SACP ithe okuyijabulisayo ukuthi uRamaphosa uzibophezele ekutheni uzobambisana nazo zonke izinhlaka eziphenya udaba lokugqekezwa kwepulazi lakhe.
USihlalo weSACP, uMnuz Blade Nzimande, uthe lokhu kuyabajabulisa, wathi kuyinto engajwayelekile.
Ngesikhathi i-ANC ibheke engqungqutheleni yokukhetha ubuholi eyedlule, iSACP yaphumela obala, yazwakalisa ukweseka uRamaphosa.
Kulokhu le nhlangano ibingakaphumeli obala ekutheni yeseka bani.
URamaphosa uphonselwa inselelo yilungu lesigungu esiphezulu kwi-ANC, uMnuz Zweli Mkhize, embangweni wokuhola le nhlangano.