UNGQONGQOSHE wemfundo ePhakeme, ezokuQeqesha nezeSayensi uDkt Blade Nzimande, udalule ukuthi ngonyaka iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS), ixhasa isitshudeni ngasinye ngoR95 552.
UNzimande uthe nonyaka isikhwama siqophe umlando ngokuxhasa izishudeni ezingu-1.1 million. Wathi izitshudeni zithola uR1750 ngenyanga wokuzibheka, kuthi lezo ezingahlali ezikhungweni zixhaswe ngoR7 875 wokugibela.
Izitshudeni zixhaswe ngoR45 000 wezindawo zokuhlala ngonyaka.
Uchaze kanje uNgqongqoshe:“Ngonyaka sixhasa izitshudeni ngoR95 552, ngaphandle kwezitshudeni zase-Unisa, ezithola kuphela eyezincwadi ngoba yisikhungo okungafundelwa kusona. INSFAS yabelwe uR47.6 billion kulo nyaka wezimali. Amanyuvesi abelwe uR38.6 billion, kuthi amakolishi amakhono amaTVET axhaswa ngoR8.9 billion.”
Uqhube wathi lokhu kuwumsebenzi omuhle owenziwe yi-ANC wokwenyusa isibalo sabaxhaswayo ngoba ngo-1991, kwaxhaswa abangu-7 000, ngoR21.4 million. Wathi u-49% wezitshudeni ezixhaswe yiNSFAS nonyaka, uthola nesibonelelo sabantwana kwiSASSA.
UNzimande udalule ukuthi isikhwama sichitha uR14 billion ngonyaka, ukukhokhela izindawo zokuhlala ezikhungweni zemfundo.
“Isabelomali salo nyaka wuR133.8 billion, kwawona ongenele. Siphothule ukwakhiwa kwamakolishi ayisishiyagalolunye ngoR2.6 billion. Sitshale uR8.662 billion wokuphucula ingqalasizinda emanyuvesi awu-26 kuleli. Sesiphothule nocwaningo ngokwakhiwa kwenyuvesi yezesayensi Ekurhuleni, nezobhekana nobugebengu eHammanskraal, nalawo azokwakhiwa eminyakeni emibili ezayo. Kulo nyaka sizoqala sakhe uphiko lwenyuvesi yaseZululand, oLundi,” kulandisa uNzimande ngokusetshenziswa kwemali emnyangweni wakhe.
Uveze ukuthi kwakhiwe izindawo zokuhlala ezinemibhede ewu-8282 ezikhungweni eziyisithupha ngoR2.13 billion. Wathi bathole uR1 billion wokwakha amakolishi ayisishiyagalolunye ngu-9, njengoba phambilini bebesebenzisa izikole njengesikhungo zokufundela kulabo abenza i-Abet.
UNzimande uqhube wathi amaSeta avule amathuba abalelwa ku-52 701 okwenza ama-learneship ngemali ebalelwa kuR1.6 billion.
Kulo nyaka wezimali uthe bahlela ukutshala izitshudeni ezingu-110 500 ezindaweni zokusebenza ezehlukene ezingu-149 000 emkhakheni wamakhono, ezingu-23 000 emkhakheni wama-artisan kanjalo nakweminye imikhakha.
Ungqongqoshe uthe uhlaka lwezempilo emnyangweni iHigher Health, lufinyelele ezitshudenini ezevile ku-2 million ezikhungweni zemfundo.
“Ngonyaka odlule izitshudeni ezingu-700 000 zithole usizo lwezokululekwa ngokwezengqondo yilolu hlaka. Ngo-Agasti ngihlele umhlangano omkhulu lapho sizobe sikhuluma nabesilisa ngenkinga yokuhlukunyezwa kwabesifazane ezikhungweni.”
Uthe iNational Skills Fund ixhase izitshudeni ngoR1.7 billion ngemifundaze onyakeni wezimali odlule, wathi nonyaka kuhlelwa ukuthi baxhase ezingu-5 000 emikhakheni edingeka kakhulu.
Khonamanjalo izitshudeni ezivela ezinkhungweni zemfundo ephakeme eWestern Cape, zibhikishe ngaphandle kwamahhovisi eNsfas eCapetown izolo zikhala ngezinto eziningi ezithinta imali yalesi sikhwama esisiza abafundi.
Phakathi kwezinto abakhala ngazo, isiphakamiso sokuthi imali isikhwama esixhasa ngayo abafundi ukukhokhela izinto ezifana nendawo yokuhlala ikhokhwe ngqo emabhange abafundi, kodwa izitshudeni zifuna ukuthi kuqhutshekwe nohlelo obekuvele lusetshenziswa. Okunye abakhala ngakho, ukungakhokhelwa kwezitshudeni ezintsha okuthiwa kuze kube manje azikakhokhelwa imali yezibonelelo zazo, okubalwa eyezincwadi, ukudla, nemali yezindawo zokuhlala.
Kushaye isikhathi sokushicilela bengatholakali abe-Nsfas ukuphawula.