INHLANGANO ebhekele abathengi eNingizimu Afrika, iNational Consumer Commission idonse ngendlebe abantu ukuthi babuyisele ezitolo impahla okusuke kuthiwe ayiphephile ngoba ukuqhubeka bayisebenzise kubeka impilo yabo engcupheni.
I-NCC iveze ukuthi kusukela ngo-Ephreli 1 kuze kube wuJuni 30 kulo nyaka iwu-20 impahla okucelwe ukuthi abantu bayibuyisele emuva.
Kuleyo mpahla kukhona i-peanut butter, shampoo, battery, izinkomishi, amasobho, amaplaki kagesi, i-punching bag esetshenziswa ngamabhokisa, izinsimbi zezimoto okubalwa ezeMercedes Benz, Chery, Ford, Citroen neJeep nokunye.
“Sithole ukuthi akusibona bonke abantu ababuyisa impahla esisuke sicele ukuthi ibuyiselwe ezitolo. Abanye bayaqhubeka bahlale nayo noma bayisebenzise. Kuyingozi ukwenza lokhu ngoba abakhiqiza lezi zimpahla basuke bethole ukuthi kunobungozi obuthile kuzona. Siye sicacise nasezitatimendeni zethu ukuthi oqhubeka nokusebenzisa leyo mpahla usuke ebeka impilo yakhe engcupheni kokunye angafa nokufa,” kusho iNCC esitatimendeni.
Ibalule ukuthi uma kuthiwa abantu ababuyisele into edliwayo emuva kusuke kucacile ukuthi ayisafanele ukudliwa, ngakho ukungayibuyiseli emuva kubeka impilo yoyidlayo engcupheni. Ithe kanjalo nasezimotweni uma kuthiwa azibuyiselwe emagaraji ngoba kunezinsimbi ezingenzi okufanele akufanele kuzitshwe lokhu.
Ithe akukho okulahlekela umthengi ngokubuyisela impahla esitolo ngoba usuke ezobuyiselwa imali yakhe bese kuqinisekiswa ukuthi izinkampani zikhiqiza impahla ephephile.
I-NCC ithembise ukuthi izokuqapha ngeso lokhozi ukukhiqizwa kwempahla ukuze iqinisekise ukuthi abantu bakuleli basebenzisa imikhiqizo ephephile.