INKANTOLO yoMthethosisekelo yamukele isicelo soMkhonto weSizwe (MK), sokwelulelwa isikhathi sokufaka amaphepha ecala lombango wokungena kukaMnuz Jacob Zuma, ePhalamende.
NgoDisemba nyakenye, uZuma umemezele ukuthi weseka iqembu elisha Umkhonto weSizwe, akasayingeni indaba ye-ANC. Maningi amacala abhekene neMK futhi ilokhu iwanqoba. Leli elifakwe yi-IEC ngelinye lawo njengoba seliya eNkantolo yoMthethosisekelo.
Inhlangano yokhetho i-IEC, yanquma ukuthi uZuma akafanelwe wukungena ohlwini lwasePhalamende ngoba walahlwa ngecala, wagwetshwa. UMkhonto weSizwe walufaka enkantolo udaba wanqoba kodwa i-IEC yalwedlulisa ithi ayinelisekile ngesinqumo.
I-IEC iwafakile amaphepha kwasala i-MK, ebhaleliwe icelwa ukuthi iwafake ungakashayi uLwesihlanu kodwa wedlula umnqamulajuqu. Abameli beMK babhalele inkantolo beyicela ukuthi ibelulele isikhathi isikhathi ngoba ayikwazanga ukufaka amaphepha ngesikhathi esibekiwe.
Umbhalo ukhomba ukuthi banikwe kuze kube wuLwesibili luka-Ephreli 30, ukuthi bafake amaphepha.
“IPhini leNhloko yamaJaji likhiphe umyalelo wokuthi abafuna ukuphikisana nesicelo, bafake amaphepha ngo-Ephreil 30, noma ngaphambi kwawo,’’ kusho umyalelo wenkantolo.
Inkantolo ithe izimisele ngokuthi udaba lulalelwe njengoluphuthumayo bese ikhipha isinqumo sayo.