IQEMBU uMkhonto weSizwe (MK), lithi asikho isidingo sokuthi owayengumengameli uMnuz Jacob Zuma, ahlangane noMnuz Jabulani Khumalo oxoshiwe ngoba wachazelwa konke ngesinqumo seqembu.
I-MK imenyezelwe nguZuma ngoDisemba nyakenye, wathi ngeke esayivotela i-ANC kodwa usehamba neqembu elisha okhethweni oluzayo. Izwe liya okhethweni lukazwelonke ngoMeyi 29, nonyaka.
UKhumalo owabhalisa iMK, kwi-IEC uxoshiwe njengelungu futhi lokhu kumenyezelwe ngesitatimende esisabalele kwabezindaba. UKhumalo ucashunwe ekhuluma ne-eNCA, ethi akayazi eyokuxoshwa futhi usazohlangana noZuma ezwe kahle.
UKhumalo uchithwa nje, ubelele isibili ohlwini lweqembu lwabaya ePhalamende futhi ubenesikhundla esiphezulu ebizwa ngoKhomanda.
Okhulumela iMK uMnuz Nhlamulo Ndlhela, uthe akukho mhlangano ozoba khona phakathi kukaKhumalo neqembu.
“Akukho mhlangano ozoba khona ngicela kucace nje lokho. UKhumalo wayesemhlanganweni onabaholi cishe abangu-25, bamchazela konke wanikezwa incwadi, washiya umhlangano. Asikhathazekile ngalutho azokukhuluma ngoba akukho okubi ebesikwenza futhi iqembu libhaliswe ngoZuma manje,’’ kusho uNdlhela.
Ebuzwa ngezizathu zokuchitwa kukaKhumalo, uthe abakwazi ukuzidalula manje kodwa zizovela ngokuhamba kwesikhathi. I-MK esitatimendeni sokuxoshwa kukaKhumalo icacise ukuthi wayecelwe nguZuma ukuba abhalise iqembu kwi-IEC.
Kuhambe, kwahamba kwaba noshintsho kwakhishwa uKhumalo kwafakwa isithombe sikaZuma, ukuze kukhangiswe ngaye.
Kwenzeka lokhu nje, kunombhalo ongaphansi kwegama likaDuduzile Zuma-Sambudla oyindodakazi kaZuma, oveze ukuthi akukho mhlangano.
Lo mbhalo okukholakala ukuthi okaDuduzile, uveze ukuthi emabhukwini kaZuma awukho umhlangano awuhlele noKhumalo.
Ngaphambi kwalokho kuke kwaba nomunye umbhalo othi bekungeke kulunge ukuthi izinkunzi ezimbili zikhonye esibayeni esisodwa.
UKhumalo uzanywe kaningi ocingweni lwakhe belungabanjwa futhi nomyalezo athunyelwe wona akawuphendulanga.
Kuxoshwa uKhumalo nje, iMK iphuma ingena ezinkantolo futhi kubukeka kusayihambela kahle. Kulindeleke ukuthi ngoMeyi 10, iNkantolo yoMthethosisekelo ilalele icala phakathi kwaleli qembu ne-IEC.
I-IEC yamemezela ukuthi uZuma akafanelwe wukuba sohlwini lwabaya ePhalamende ngoba wake wagwetshwa, waya ejele.