IQEMBU elisha uMkhonto weSizwe (MK) lithi lichithwe ezinkundleni zemidlalo ezehlukene ngaphambi kokuthola i-Orlando, eSoweto lapho lizokwethula khona izethembiso zayo zokhetho.
I-MK izimisele ukugadla kuzwakale okhethweni lukazwelonke oluzoba ngoMeyi 29 lapho kulindeleke ukuthi zidlane kulo imilala.
Okhulumela i-MK uMnuz Nhlamulo Ndlhela, uthe basesigabeni sokuqedela amalungiselelo omcimbi wabo wokwethula izethembiso okulindeleke ukuthi ube ngoMeyi 18.
I-MK yethulwe owayengumengameli uJacob Zuma ngoDisemba nyakenye, wathi uzovotela yona akasayingeni eyokweseka i-ANC. UZuma wathi akenelisekile ngobuholi bukaMnuz Cyril Ramaphosa.
Kumanje i-MK kuphuzwa ngayo itiye iba sezindabeni mihla namalanga ngezizathu ezehlukene. Amaqembu amaningi asezethulile izethembiso zokhetho kubantu futhi sekusele amasonto ambalwa kuvotwe.
UNdhlela ubale izindawo ezimbili abachithwe kuzona kwaba nezinye angabange esafuna ukuzisho athe bebezama kuzona.
“ Inkundla yokuqala ebesiyifuna kakhulu yi-FNB kodwa kwavela ukuthi izobe isetshenziswa. Sizamile ukuthola iMoses Mabhida nakhona satshelwa ukuthi izobe isebenza. Sizame kaningi nakwezinye izindawo saze sathola i-Orlando,’’ kusho uNdhlela.
Uthe akuwona umcimbi wokwethula izethembiso kodwa wumhlangano wezwi labantu nokuyilona okufanele ligqame kakhulu ukwedlula osopolitiki. UNdlhela uthe uZuma uzokwethula umyalezo wosuku kulo mcimbi.
Uthe ubuholi bumatasa nje buqedela zonke izinhlelo zalo mcimbi okulindeleke ukuthi ube yingqophamlando. Udaba lokungatholakali kwezindawo belulokhu luvela emaqenjini ekhala ngokuthi kuba nzima.
I-FP isanda kukhala ngento efanayo izama ukuthola inkundla ngaseMzimkhulu kodwa kwathiwa ngeke ikwazi. Akhona namanye amaqembu ake akhala ngokuthi izinkundla azitholakali.
Ngaphandle kodaba lomcimbi wokwethula izethembiso, kulindeleke ukuthi udaba lweMK ne-IEC lungene eNkantolo yoMthethosisekelo namuhla.
I-IEC yanquma ukuthi uZuma akafanelwe wukuba sohlwini lwabaya ePhalamende ngoba waboshwa wagwetshwa. I-MK yaluyisa enkantolo udaba yafika yalunqoba. I-IEC yalwedlulisa udaba yalufaka eNkantolo yoMthethosisekelo.