Iqembu iMK lidlebeleka okomlilo wamadlelo njengoba kungena imiphumela yokhetho KwaZulu- Natal.
I-MK imenyezelwe ngowayengumengameli uJacob Zuma ngoDisemba nyakenye, wathi uzoyikhankasela ayivotele futhi akasayingeni eye-ANC. UZuma akasulanga kwi-ANC, namanje ubulungu bakhe busekhona njengoba ebuye abe yilungu leMK.
Kusho ukuthi iMK ingenele ukhetho inezinyanga cishe eziyisithupha imenyezelwe ngokusemthethweni kubantu bakuleli. Emuva kwesimemezelo sikaZuma ngoDisemba, kwadilika umthangala abantu bethutheleka kuleli qembu.
Kushaye u-5 ntambama ngoLwesihlanu iMK isithole amavoti angaphezu kwangu-800 000 esifundazweni ilandelwa yi-IFP enangu-340 069, endaweni yesithathu bekukhona i-ANC ebingaphezu kuka-337 000 ngamavoti. I-DA ibisendaweni yesine izama ukusondela emavotini angu-260 000.
Umhlaziyi wezepolitiki uMnuz Zakhele Ndlovu ofundisa ipolitiki e-UKZN, uthe iMK iphundle i-ANC ne-IFP ngenxa yezizathu ezimbili.
“Indaba yokuba wumZulu ineqhaza elikhulu ngoba uZuma njengamanje wuyena mholi waKwaZulu omdala nohlonishwayo emuva kokuhamba kukaMntwana waKwaPhindangene. Abantu abebecikwe yi-ANC bebezoya kwi-IFP ukube kayivelanga iMK,’’ kusho uNdlovu.
Uthe nangaphandle kokuba wumZulu, uZuma ungumuntu onogazi kubantu nonesisoka nobugagu bokukhuluma izinto ezigovuza abantu.
“Indaba yokudatshukelwa aziveze njengomuntu ohlukunyezwayo iyamsebenzela ngoba abantu bathi uZuma waya ekudingisweni waboshwa kodwa namanje usahlushwa. Uma umlalela kahle uyigagu, uyakwazi ukukhuluma nabantu,’’ kusho uNdlovu.
UNdlovu uthe nayo iMK yazi kahle ukuthi ibingeke ibe yilutho ngaphandle kukaZuma.
Omunye umhlaziyi uMnuz Thobani Zikalala, uthe lokhu kudlondlobala kweMK kuwubufakazi bokuthi iyasebenza indaba yomuntu siqu sakhe kwipolitiki.
“Abantu bakuleli bavota ngokuthi umuntu uwubani futhi bayamthanda yini, bese kuxubana nezimo ababhekene nazo ngaleso sikhathi. I-ANC ishaya eceleni njengoba ilokhu ibelesela indaba yobuhlanga,’’ kusho uZikalala.
Uthe i-ANC ibukeka igcizelela indaba yokuvota ngobuhlanga uma kukhulunywa ngabantu baseKZN kodwa kwezinye izindawo ayisho kanjalo.
UZikalala uthe bakhona abantu abanamakhono nesipiliyoni kwiMK abangase bajutshwe ezikhundleni zikahulumeni uma begcina bethatha izintambo.
Kwenzeka konke lokhu nje, umkhankaso we-IFP KwaZulu-Natal ububukeka unamandla uholwa wuSihlalo wayo uMnuz Thami Ntuli ogaqele esikandunankulu.