UNGQONGQOSHE wezeMpilo kuleli, uDkt Zweli Mkhize, uthe iKwaZulu-Natal izolandela ngezibalo eziphezulu zabantu abahaqwe iCoronavirus kuleli njengoba kuhamba phambili iGauteng.
Uthe lokhu kwenze ukuthi akhulume nalezi zifundazwe ukuthi zibhekane nalesi simo.
“Sizokhuluma neKZN ngodaba lokuba nemibhede eyanele nokokwenza iziguli ziphefumule kalula,” kusho uMkhize ngesikhathi kade ehambele esikhungweni okugcinwa kuso abahaqekile eNasrec, eGoli, izolo eyohlola isimo.
Uthe isimo siyadamba eWestern Cape nase-Eastern Cape kodwa KwaZulu-Natal zizonyuka izibalo.
EGauteng bangu-133 617 abahaqekile, KwaZulu-Natal bangu-43 215.
Uncome umsebenzi wodokotela wokulwa nalolu bhubhane.
“Iselula yami ihlale ivuliwe, ningasabi ukungishayela. Yisimo esiphuthumayo lesi akukho ukuthi kukhona imigudu ethile okumele ilandelwe uma nifuna ukungifonela.”
Uthe basebenzisana namavolontiya okumele akhokhelwe ngesikhathi.
Izibalo zabaneCorona manje ziku-364 328, abangu-13 449, kutholakale ukuthi bathelelekile emahoreni angu-24.
NgeSonto uMkhize umemezele ukuthi bangu-85 abantu abashonile ngokombiko womnyango wakhe.
“Sekushone abanye abantu abangu-85 okusho ukuthi isibalo sabashonile sesingu-5 033. Abasindile bangu-191 059 (52,4%). Asebehloliwe bangu-2 471 747,” kusho uMkhize.
“Ngeke sikwazi ukuphelelwa imibhede ekubeni izibhedlela ezizimele zinayo. Sinesivumelwane ukuthi iziguli zethu ezibambekile sizoziyisa kulezi zibhedlela,” kusho uMkhize.
Ukwanda kwabantu abahaqekile kwenza uhulumeni waqinisa imithetho kathaqa. Ukugqokwa kwezifonyo emphakathini kuyimpoqo, ukuqhelelana nokugezwa kwezandla njalo nje abantu bayagqugquzelwa ukuthi bakwenze njalo.
Isitatimende esikhishwe umnyango kaMkhize, sithe: “Sikhathazekile ngendlela abantu bakuleli abaziphethe ngayo ngokunganaki ngokubhebhetheka kwaleli gciwane. Akukho ukuqhelelana emphakathini. Izifonyo abazigqoki, abanye abazifaki ngendlela. Abantu bayavilapha ukugeza izandla njalo.”
Uthe lokhu kungenza lande kakhulu igciwane emasontweni amabili azayo.
UMkhize uphinde wakugcizelela ukuthi alikho ikhambi leCorona okwamanje.