I-IFP ishaya amakhala ngohlu lwabavoti bakuWard 99 kuMasipala waseThekwini, lapho kuzokuba khona nokhetho lokuchibiyela.
I-IFP ithe kuningi okusolisayo ngabantu abavela ohlwini lwabavoti bakule wadi.
Okhulumela i-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe baqaphele ukuthi kunabantu abaningi abavele ohlwini lwabavoti amakheli abo asolisayo.
“Abantu abangu-150 babhalise ukuthi bahlala e-1 300017 St, eMagabheni. Lena yindawo nje evulekile, engenasakhiwo. Abangu-95 babhalise ukuthi bahlala e-97 Bisset eMkhomazi. Lapha kusesiteshini samaphoyisa endawo. Abantu angu-89 babhalise ukuthi bahlala e-13 Bisset St, eMkhomazi. Lapha kusesitolo esidayisa izimpahla zokwakha.
“Abangu-183 babhalise ukuthi bahlala e-2 Brad St, eMkhomazi. Lena yindawo eyisitolo esidayisa ukudla. Abantu abangu-97 babhalise ukuthi bahlala e-9 Robinson St, eMkhomazi. Umnikazi womuzi uthi akabazi laba bantu. Kunabantu abangu-435 ababhalisiwe abangenawo amakheli.”
UHlengwa uthe okunye okusolisayo ngalaba bantu ukuthi yize besebenzisa amakheli afanayo kepha bavota ezikhungweni zokuvota ezahlukene.
UHlengwa uthe basanda kubhalela inhlangano eyengamele ukhetho kuleli, i-Independent Electoral Commission (IEC), bekhalaza ngalokhu.
isikhalazo sabo sichithiwe.
UHlengwa uthe abakuqaphelile ukuthi emva kwesikhalazo sabo, laba bantu abakhalaza ngabo bawashintshile amakheli abo.
UHlengwa uthe bazoqapha ngelokhozi uma sekuvotwa ukuthi awukho umkhonyovu ozokwenzeka.
Okhulumela i-IEC KwaZulu-Natal, uMnuz Thabani Ngwira, uthe okwenze kuchithwe isikhalazo se-IFP ukuthi ayizange ibazise abantu ekhalaza ngamakheli abo ngesikhathi ifaka isikhalazo.
UNgwira uthe umthetho uthi kufanele aziswe umuntu okukhalazwa ngaye.
Uqhube wathi yize kunjalo i-IEC izokwenza isiqiniseko sokuthi awukho umkhonyovu okhethweni lokuchibiyela.
Le wadi ibikade iphethwe yi-ANC, isikhala savuleka emva kokusocongwa kwekhansela lale nhlangano, uMnqobi Victor Molife.
Imiphumela yakule wadi ibhekwe ngabomvu njengoba ukuhlulwa kwe-ANC kungayinciphisela izihlalo kuMasipala waseThekwini evele iwuphethe ngengcacamezelo.
I-ANC izimisele ukuyigcina le wadi njengoba ngempelasonto izothumela abaholi bayo ukuba bayokhankasa kuyo.
Ngempelasonto i-ANC izokuba nemikhankaso eyehlukene ezoholwa nguSihlalo wayo esifundazweni, uMnuz Siboniso Duma, uNobhala wayo, uMnuz Bheki Mtolo, nabanye abaholi.
Ne-IFP ayizibekile phansi njengoba izokuba nomcimbi omkhulu ngeSonto.
I-IFP inethemba lokuthi ingase ikwazi ukuthatha le wadi kulandela ukuthi iDA yahoxa okhethweni lwangoLwesithathu.