I-IFP iqinisekise ukuxoshwa kweMeya kaMasipala wesiFunda okhungethwe yizinkinga, uMzinyathi, uMfu Petros Ngubane.
Okhulumela i-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe isinqumo sokuxosha uNgubane sithathwe emhlanganweni wesigungu esiphezulu obungoMsombuluko.
UHlengwa uthe kuqale kwaba nomhlangano okhethekile wabaholi beqembu, lapho behlangane noNgubane ngeSonto.
Kulo mhlangano bekubhekwa udaba lokuhanjiswa kwezidingo kuMasipala uMzinyathi.
UHlengwa uthe abaholi beqembu baphakamise ukuthi uNgubane asuswe esikhundleni.
"Kube sekuba nomhlangano wesigungu esiphezulu ngoMsombuluko, lapho khona amalungu esigungu esiphezulu evumelene nesiphakamiso sokuthi uNgubane ehle esikhundleni."
UHlengwa uthe esikhundleni sobuMeya kuzothatha iPhini leMeya, uNkk Thembisile Mchunu, wathi iphini lizobuye liqokwe.
"Simazisile uNgubane ngesinqumo sokumkhipha esikhundleni. Sithanda ukumbonga ngomsebenzi awenzile ephethe isikhundla."
Isolezwe lisanda kubika ngesinqumo sokuxoshwa kukaNgubane.
UNgubane ubesebe imeya yalo masipala iminyaka eyisishiyagalombili.
UMasipala wesiFunda uMzinyathi ukhungethwe yizinkinga okubalwa kuzo inkinga endala yokushoda kwamanzi ezindaweni eziningi ezingaphansi kwalo mkhandlu kanye nokuthola imibiko emibi yoMcwaningi maBhuku.
Lo masipala usuhlale isikhathi eside ungaphansi kweso lomlawuli.
Umthombo ongaphakathi kwi-IFP uthe inhlangano inqume ukuxosha uNgubane ngoba inokwesabela ukuthi ingase ingawunqobi lo masipala okhethweni lohulumeni basekhaya lwangonyaka ozayo uma izokuya kulo umasipala usaphethwe uNgubane.
Lena akusiyona imeya yokuqala ukuxoshwa i-IFP mumva nje le nhlangano ikhombe indlela imeya kaMasipala wesiFunda Amajuba, uMntwana uNdabuko Zulu.
Umthombo ongaphakathi kwi-IFP, uthe iqembu liphume umbhidlangano wokuxosha izimeya ezahluleka ukwenza umsebenzi.
"Selusondele ukhetho lohulumeni basekhaya. Kufanele kuqale umkhankaso wokhetho maduze. Kunzima ukukhankasa uma unezimeya ezihlulwa umsebenzi ngoba abantu bazokhalaza ngazo uma uthi uyaqala uvula umlomo. Ingakho iqembu libona kungcono ukuthi zigudluzwe zonke izimeya ezingawenzi umsebenzi."