I-IFP KwaZulu-Natal ihlabe ikhwelo yalibhekisa kuhulumeni ukuthi akhuphule imiholo yamaphoyisa, emva kwemibiko yokwanda kwesibalo sabophiko iSpecial Task Force neNational Intervension Unit abalaxaza umsebenzi bayosebenzela izinkampani zonogada ezizimele.
Esitatimendeni esikhishwe yile nhlangano, umholi wayo esiShayamthetho sesifundazwe uMnuz Blessed Gwala, uthe ukwesula ubuthaphuthaphu kwamaphoyisa embuthweni iSouth African Police Service, kukhomba ukuthi aholelwa imiholo engatheni.
“Lokhu kuyizimpawu zokuhluleka kukahulumeni oholwa yi- ANC, ukunakekela amaphoyisa. Le nto esiqala ukwanda, iletha ukukhathazeka njengoba kucaca ukuthi amaphoyisa amaningi ayalingeka ukuthi asule emsebenzini. Uhulumeni kumele enze okuthile,“ usho kanje.
Uthe ngasekuqaleni kwalo nyaka, uhulumeni unqume ukuthi kubuyekezwe imihlomulo yamaphoyisa ayithola ngokusebenza ezimweni ezibucayi, ngakho lokhu kumele kuhambisane nokubuyekezwa kwemali ayiholayo, okuyinto abakade beyibelesela kodwa ingalalelwa.
Uthe ngenxa yokuthola imiholo engagculisi, sekube nenqwaba yezigameko zenkohlakalo ezenzekile ezibandakanya wona, okukhombisa ngokusobala ukuthi ayalingeka ekutheni angene ebugebengwini ukuzama ukuzenzela izinto ezizokwengeza eholweni elincane alinikezwa wuhulumeni.
I-IFP ithe nakuba isiqonda isimo somnotho esingesingesihle, kodwa ikhathazekile ngemiholo eholwa ngamaphoyisa ekubeni esebenza ezindaweni eziyingozi kakhulu ukugcina abakuleli bephephile.
Phambilini, uKhomishana waPhoyisa KwaZulu-Natal uGeneral Nhlanhla Mkhwanazi, uthe udaba lokwesula kwamaphoyisa luyakhathaza ngakho usenxuse ihhovisi likazwelonke ukuthi liphenye ngembangela ukuqinisekisa ngalena kokukhala ngemiholo, akukho yini okunye okufihlakele.