UMA uzobe usebenza ngosuku lokhetho lukazwelonke uMeyi 29, 2024 noma uzobe ungekho endaweni obhalisele ukuvota kuyona, ikhomishini yezokhetho kuleli ivule ithuba lokuthi ufake isicelo sokusheshe uvote.
Abagulayo abangakwazi ukuhamba, abakhulelwe kanjalo nabaphila nokukhubazeka abafisa ukuvakashelwa emakhaya nabo bazokwazi ukusheshe bavote ngokuthi bafake isicelo.
Izicelo zokuthi usheshe uvote zivulwe kusuka izolo kuze kube uLwesihlanu, uMeyi 3, 2024.
Isicelo singafakwa emahhovisi ekhomishini, komasipala noma kwi-website yekhomishini.
Kuzokhumbuleka ukuthi njengoba kulolu khetho ungeke ukwazi ukuvota endaweni ongahlali kuyona, kubalulekile ukuthi usheshe ubhalisele ukuvota ngokuyisipesheli.
Abanye abangakwazi ukubhalisela ukuvota okuyisipesheli kubalwa izintatheli, amaphoyisa, ojele kanjalo nanoma ibaphi abanye abasebenzi abazobe betohoza ngosuku lokhetho oluzoba yiholidi.
Abagunyaziwe ukuthi bavote ngokuyisipesheli bazovotiswa ngoMeyi 27 noMeyi 28.
Isikhulu sekhomishini yezokhetho KwaZulu-Natal, uNkk Ntomb’futhi Masinga, sisanda kutshela Isolezwe ukuthi abakubuzi isizathu esenza ukuthi usheshe ufune ukuvota.
“Asikubuzi ukuthi kungani ufuna ukushesha uvote. Siyakubhalisa nje ukuthi usheshe uvote. Nginxusa labo abazobe bazi ukuthi ngosuku lokhetho bazobe bengekho lapho behlala khona ngoba besebenza ukuthi basheshe babhalisele ukuvota,” kusho uNkk Masinga.
Namhlanje ikhomishini inesithangami nabezindaba lapho izokhuluma ngezinto ezehlukene ezithinta ukhetho ezithinta nendaba yokuvulwa kwezicelo zokuthi abantu babhalisele ukuvota.
Abafuna ukubhalisela ukuvota bangaya kwi-website yekhomishini ethi:www.elections.org.za.
Bangathumela nomqhafazo wabo onenombolo kamazisi enombolweni ethi:32249. Umqhafazo uzobiza u-R1.
Ungashayela nenombolo yekhomishini ethi:0800 11 8000, ukuze uthole ulwazi ngokufaka isicelo sokusheshe uvote.
Kuzokhumbuleka ukuthi lolu khetho lufike ngesikhathi lapho izwe ligubha iminyaka engu-30 lakhululeka.
Izinkumbi zabantu bakuleli zavota okhethweni lokuqala lwango-1994.
Khonamanjalo uMnyango wezaseKhaya ukhumbuze umphakathi ukuthi azovulwa wonke amahhovisi awo njalo ngemiGqibelo kusuka ngo-8 ekuseni kuze kube u-1 ntambama.
Amahhovisi azovulwa ukuze abantu balande omazisi babo, ukufaka izicelo zomazisi abasha kanjalo nokukhishwa komazisi besikhashana.
Azovulwa kuze kube uMeyi 25, 2024. Azovalwa ngo-Ephreli 27, 2024 ngoba yiholidi.