ABANYE abavoti abazovota ngokuyisipesheli okhethweni lukazwelonke lwangonyaka ozayo, bazokwenza lokho ngoba bengekho ezifundazweni zabo kanjalo nabazovota bekwamanye amazwe kodwa abazokwazi ukuvotela abangenela ukhetho ngokuzimela ezifundazweni.
Lokhu kuvezwe nguMnuz Masego Shiburi iphini lesikhulu esiphezulu sekhomishini yezokhetho kuleli i-IEC, ngesikhathi bevele ngaphambi kwekomiti loMnyango wezaseKhaya ePhalamende.
UShiburi uthe njengoba lolu khetho luzobe lufaka nabangenele ukhetho ngokuzimela okuzobe kungokokuqala emlandweni wezwe, kunemigomo ebekiwe okumele ilandelwe.
Uthe ukuze ukwazi ukuvotela umuntu ozokumela esiShayamthetho sesifundazwe kumele uhlale kuleyo ndawo.
Uthe uma kungukuthi ngosuku lokuvota uzobe ungekho kuleyo ndawo, ubhalise ukuvota ngokuyisipesheli ukwesinye isifundazwe, ngeke ukwazi ukuvotela umuntu omthandayo esifundazweni sakho.
“Uzokwazi kuphela ukuvotela amaqembu azoya ePhalamende. Kanjalo noma uzobe uvota ukwelinye izwe, uzokwazi ukuvotela kuphela abaya ePhalamende likazwelonke, hhayi esiShayamthetho sesifundazwe.”
Uthe amaphepha okuvota azobe engu-10.
“Isifundazwe ngasinye sizoba nephepha lokuvota elizoba nalabo abaya esiShayamthetho bese kuba yilabo abaya ePhalamende. Uma uzovoya ukwenye indawo noma ungaphandle kwezwe, uzothola elilodwa.”
Uthe abavoti bazoqhubeka bakwazi ukuphikisa uhlu lwabantu amaqembu azofolosa ngabo okhethweni.
Ubalule nokuthi kanjalo nalabo abangenela ukhetho ngokuzimela umphakathi uzokwazi ukuphikisana nokuthi bavotelwe uma kunezizathu ezibambekayo.
UMnuz Sy Mamabolo isikhulu esiphezulu sekhomishini, uthe nakuba lungakabekwa usuku lokuvota okuzokwenziwa nguMengameli Cyril Ramaphosa, kodwa sebelulungele ukhetho.
Uthe bahlele ukuthi babe nezimpelasonto ezimbili zokubhalisela ukuvota ngaphambi kokhetho.
“Sihlele ukuthi ngempelasonto yangoNovemba 18 no-19, kube yimpelasonto esizoyivulela ukuthi sibhalisele ukuvota. Sizobuye simemezele enye impelasonto yesibili esizovula ngayo yokuthi sibhalisele ukuvota.”
Uthe ngosuku lokubhalisela ukuvota bazozivula zonke izikhungo ezibalelwa ku-24 000 zokuvota.
“Ngale mpelasonto sizobe sihlola nemishini esiyisebenzisa uma kuvotwa. Sizobe siyihlola ukulungela kwayo ukuthi sibambe ukhetho, kodwa lona sesilulungele,” kusho uMamabolo.
Phambilini uMamabolo wakuveza ukuthi lolu khetho luzobe lubaluleke kakhulu njengoba kuzobe kungenele okokuqala labo abazimele njengoba bebengenela ukhetho lohulumeni basekhaya.
Ezinye zezinto ezilindelekile, ngukuthi iphepha lokuvota lizoba lide kakhulu kunakuqala njengoba kuzobe kukhona abangenela ukhetho ngokuzimela.
Okwamanje akwaziwa ukuthi bangaki abazongenela ukhetho ngokuzimela.
UMamabolo uveze ukuthi nakuba amaphepha okuvota azobe emade, uhlelo lokubala amavoti ezikhungweni zokuvota ngemuva kokhetho, luzoqhubeka.