NJENGOBA ezobe emathathu amaphepha okuvota okhethweni lukazwelonke ngenyanga ezayo, ikhomishini yezokhetho isixwayise abavoti ukuthi bavote kanye ephepheni ngalinye.
Ikhomishini iveze ukuthi uma uke wavota kabili noma ngaphezulu ephepheni elilodwa, lelo voti liyothathwa njengento engekho.
Lokhu kuvezwe yisikhulu esiphezulu sekhomishini, uMnuz Sy Mamabolo, ekhuluma esithangamini sabezindaba ngoLwesibili, eGoli.
UMamabolo uchaze kabanzi ngamaphepha amathathu okuvota kulolu khetho lwangoMeyi 29.
“Iphepha lokuqala lizobe liqukethe amaqembu ezepolitiki kuphela, kanti kulona kuzobe kuvotelwa izihlalo ezingu-200. Leli phepha linamaqembu evile ku-50 azobe efuna ukuvotelwa kanti laziwa ngokuthi yi-PR. Elesibili kuzovotelwa amaqembu kanjalo nabangenele ukhetho ngokuzimela. Kulona kuzobe kuvotelwa abasuka ezifundazweni abaya ePhalamende. Kwelesithathu kuzobe kuvotelwa amaqembu kanjalo nabangenela ukhetho ngokuzimela abazoya eziShayamthetho zezifundazwe. Isifundazwe ngasinye sizoba nephepha lesithathu laso elihlukile kunezinye izifundazwe.”
Unxuse abavoti ukuthi bazinike isikhathi ngaphambi kokuba bashaye u-X ngoba uma benze iphutha bawufaka endaweni okungeyona uma sebephinde bewushaya kwenye indawo lelo phepha liyothathwa njengelicekeleke phansi, lingabalwa njengevoti elisemthethweni.
Uveze ukuthi emaphepheni okuvota kuzoba negama eligcwele leqembu, isifingqo segama leqembu kanjalo nesithombe somholi weqembu.
Kwabangenela ukhetho ngokuzimela kukhona igama lalowo mholi, ubuso bakhe kanjalo negama elithi INDEPENDENT.