NJENGOBA kusasele cishe unyaka ngaphambi kokhetho lwezifundazwe nolukazwelonke, ikhomishini eyengamele ukhetho, i-IEC isiqale umkhankaso wokunxenxa abantu ukuthi babhalisele ukuvota.
Ikhomishini ithe umkhankaso uzosiza ukugqugquzela abangabhalisile ukuthi babhalise.
Ukhetho kubhekwe ukuthi lube yingqophamlando njengoba lufaniswa nolokuqala olwaba kuleli ngesikhathi kuvotelwa uhulumeni wentando yabantu ngo-1994.
Okhulumela i-IEC kuzwelonke uNkk Kate Bapela, uthe ngalo mkhankaso bafuna ukunika abantu izwi lokuthi babe yingxenye yokuvota ngonyaka ozayo.
Uthe umkhankaso abawubiza ngeYour Vote is Your Voice, uzosabalala ezinkundleni ezehlukene.
“Umkhankaso uqala kusasa (namhlanje) kuze kube uMashi 3, 2023. Abafuna ukuvota kumele bangene kwiPortal ukuze babhalisele ukuvota.”
Uthe umkhankaso uqondiswe entsheni eneminyakeni eqala ku-16 kuya phezulu.
“Sizoba neminye imikhankaso yonyaka wonke yokunxenxa abantu ukuthi babhalise. Abafuna ukubhalisa bangaya ku: https://registertovote.elections.org.za.”
Kwenzeka lokhu nje, kulindeleke ukuthi kuqopheke umlando kulolu khetho njengoba kuzoncintisana okokuqala ngqa abangenela ukhetho ngokuzimela. Phambilini abangenela ukhetho ngokuzimela bebeyingxenye yokhetho lohulumeni basekhaya kuphela.
Kodwa ngemuva kwesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo sokuthi abangenela ukhetho ngokuzimela kumele bangasali ngaphandle nasokhethweni lukazwelonke, iPhalamende kudingeke lenze izichibiyelo emthethweni wezokhetho.
Abazongenela ukhetho ngokuzimela kuzodingeka bathole amagama abantu abangu-15% wezihlalo zasesiShayamthetho sakuleso sifundazwe ukuze bakwazi ukuba yingxenye yokhetho. Ngale ndlela wonke umuntu uzokwazi ukubamba iqhaza okhethweni njengokubalula koMthethosisekelo.
IPhalamende linikwe kuze kuphele le nyanga ukuthi liphothule zonke izinto ezithinta lo mthetho.