INHLANGANO yokhetho kuleli i-IEC, ithi ifuna lulalelwe yiNkantolo yoMthethosisekelo udaba lombango wokungena kukaMnuz Jacob Zuma ohlwini lwabaya ePhalamende.
I-IEC ithe lolu daba ifisa lungene eNkantolo yoMthethosisekelo ngqo, lungaqali kwenye indawo futhi lube ngoluphuthumayo. Iveze ukuthi ifisa lusombululwe ngaphambi kosuku lokhetho.
Izwe lilungiselela ukhetho lukahulumeni kazwelonke oluzoba ngoMeyi 29 nonyaka lapho okulindeleke ukuthi zidlane khona imilala.
INkantolo yoMthethosisekelo kuleli kuba yiyona eyokugcina enquma ngezindaba ezisuke zibangwa futhi kuyona kukhona inhloko yamajaji nephini layo namanye amajaji amakhulu.
I-IEC isanda kugqemeka ingozi engeqiwa ntwala, ilahlwa yinkantolo odabeni lombango wokungena kukaZuma ohlwini lwabaya ePhalamende.
UZuma ngoDisemba nyakenye umemezele ukuthi usejoyine iqembu elisha uMkhonto weSizwe, walaxaza i-ANC.
UMkhonto weSiwe umemezele ukuthi uhlasela ngoZuma kwesikamengameli futhi uphezulu ohlwini.
I-IEC emuva kwalokho yamemezela ukuthi uZuma ngeke akwazi ukungena ohlwini ngoba uke walahlwa yicala wagwetshwa izinyanga ezingu-15 futhi wangakhokhiswa inhlawulo.
UMkhonto weSizwe walufaka enkantolo udaba uphosela inselelo isinqumo se-IEC, amajaji afika alivuna iqembu.
I-IEC emuva kwesinqumo ithe isalinde ukuthi amajaji akhiphe incazelo ngesinqumo sawo.
I-IEC ithe inqume ukulwedlulisa udaba ngoba ilubona luphuthuma futhi uma lungase luyekwe, luzothunaza imiphumela yokhetho.
AboMkhonto weSizwe bakhiphe isitatimende bethi kufanele uKhomishana we-IEC, uJanet Love esule esikhundleni ngoba ubukeka elubhedlile lolu daba lukaZuma. Bathe ngeke besamethemba ukuthi usebenza ngobuqotho.