INKAMPANI ephehla ugesi kuleli i-Eskom isiqale uhlelo lokucisha ugesi ngenhloso yokuhlenga ingqalasizinda yayo esengcupheni yokusha.
INKAMPANI ephehla ugesi kuleli i-Eskom isiqale uhlelo lokucisha ugesi ngenhloso yokuhlenga ingqalasizinda yayo esengcupheni yokusha.
UNkk Daphne Mokoena obhekelele ezokuxhumana e-Eskom, uthe ukucisha ugesi isikhashana akufani nohlelo lokunqanyulwa kukagesi ngenhloso yokuwonga okuyinto esime izinsuku ezingaphezu kuka-105.
Uthe sebeqale uhlelo abalubiza ngokuthi yi-“Save Your Transformers. Save Lives” olugqugquzela abantu ukuthi bonge ugesi, bawuthenge ezindaweni ezisemthethweni, bangaxhumi nowezinyokanyoka.
Uveze ukuthi i-Eskom iyaphoqeleka ukuthi inciphise ugesi amahora ambalwa ngenxa yokuthi ingqalasizinda yawo okungama-transformer iyasindwa ngenxa yokwebiwa kukagesi.
Uthe u-94% wama-transformer asindwayo okusho ukuthi awu-2 111 ezweni jikelele. Atholakala eLimpopo, KwaZulu-Natal, Gauteng, Western Cape, Eastern Cape, North West naseMpumalanga.
“Ama-transformer agcina esesindwa ngenxa yokuxhunywa kukagesi wezinyokanyoka, ukwebiwa kukagesi, ukuthengwa kukagesi kubantu abangavunyelwe nokuxhunywa kwezigubhu ezingekho semthethweni. Kufanele siwucime ugesi ukuze sivikele ingqalasizinda yethu ngoba uma i-transformer isha lokhu kuchaza ukuthi indawo ingasala ingenagesi izinyanga eziyisithupha,” kuchaza uNksz Mokoena.
Uthe ukucishwa kukagesi nokunqamuka kwawo akufani ngoba ukucima ugesi ukuze kuvikelwe ama-transformer akusho ukuthi ugesi usuke usaphehlwa kodwa usuke ukhona.
“Uma sicima ugesi sisuke sivikela ukuthi ama-transformer angashi nempilo yabantu. Uma sinqamula ugesi usuke ungekho mningi ophehliwe ngakho siye siwunqamuke ukugwema ukuthi izwe libe mnyama bhuqe. Lo ocinywayo manje wenzela ukuvikela ukusha kwengqalasizinda kagesi,” usho kanje.
Lapho bezocisha khona ugesi, uNkk Mokoena, uthe omasipala bazobazisa abantu ukuthi kuzocishwa nini.
Ucele abantu ukuthi bonge ugesi, babike izigameko zobugebengu okubalwa labo abaxhume ugesi wezinyokanyoka, abeba ingqalasizinda kagesi ku-0800 112 722.
Usihlalo wePietermaritzburg and Midlands Chamber of Business, uthe ukucima kukagesi kubi ebhizinisini futhi eMgungudlovu ugesi ucima njalo.
Uthe osomabhizinisi abancane bayaphazamiseka ngoba abanayo imali yokuthenga ama-generator, labo abakwazi ukuthenga ama-generator inzuzo abayiboni ngenxa yokuthi imali iphelela kudizili.
Isolezwe lithole ukuthi eMgungundlovu namaphethelo ugesi uye ucime ngabo-5 ekuseni ubuye ngo-9 ekuseni noma ucime ngo-5 ntambama bese ubuya ngo-9 ebusuku.
Njalo ngosuku ugesi uhamba amahora amane ngenxa yohlelo lokuvikela ingqalasizinda.