UHULUMENI unike i-Eskom uR254 billion ukuze ilungise izindaba zikagesi.
Lezi zindaba zivezwe wuNgqongqoshe kagesi, uDkt Kgosientsho Ramokgopa, othe lokhu kuzobasiza ukulungisa ingqalasizinda endala nokuthi baqhubeke nezinhlelo zokuphehla ugesi owanele abantu bakuleli ngaphandle kwengcindezi.
URamokgopa uthe njengamanje kunogesi owu-29 272 okusho ukuthi izwe linogesi ongaphezulu kuka-60%.
Uveze ukuthi lokhu kuyinto enhle ngoba kusho ukuthi ugesi ngeke unqamuke ngokwezigaba eziphezulu kuleli sonto.
Uthe nomshini owawushile esiteshini sikagesi iGrootvlei usulungisiwe okusho ukuthi uzokwazi ukukhiqiza ugesi olindeleke kuwo.
Ugesi ongekho ngenxa yokufa kwemishini uwu-15 800MW, nakho lokhu uRamokgopa uthe kusho ukuthi izinhlelo zabo zokukhanda imishini zihamba kahle ngoba bebelindele ukuthi ube wu-18 000MW.
Ubalule ukuthi banezinhlelo ezinqala zokuqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika ifana namanye amazwe aphehla ugesi ohlanzekile njengoba bezoba nendawo eyodwa lapho osomabhizinisi bezobhalisela khona ukuphehla nokusabalalisa ugesi.
Uthe abafuni ukuthi kuhlomule izinkampani ezinkulu kuphela kulolu hlelo kodwa bafuna nabantu abazozikhiqizela ugesi bazuze ngokuthi babe namaphepha akhombisa ukuthi bakhiqiza ugesi bese bekwazi ukuwudayisela i-Eskom
URamokgopa uthe yi-Eskom enegunya lokusabalalisa ugesi ngakho nalabo abaziphehlela owabo kufanele babhaliswe bese belandela izindlela ze-Eskom zokuwusabalalisa.
Uveze ukuthi kuningi akwenzayo ukuqeda inkinga yokunqamuka kukagesi abale kukho ukulanda ugesi owu-400MW eMozambique nokusayina izivumelwano nabakhiqizi bakagesi abazimele.
Uthembise abantu bakuleli ukuthi uhulumeni wenza konke okusemandleni ukulwa nenkinga yokunqamuka kukagesi futhi izonqotshwa maduzane.
Uthule ngokusemthethweni umkhankaso ogqugquzela abantu ukuba bonge ugesi, wathi kufanele bacime amaketela, ama-charger nenye impahla kagesi uma bengayisebenzisi, bacime nasodongeni.